Babonga bayanconcoza kuMalema ngogesi, amaphoyisa namagumgedlela.




Ngaphambi kokufika kosuku lwanamuhla obelubhekwe kakhulu kulandela isimemezelo somholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uMnu uJuius Malema sokuvalwa kwezwe, abanye abantu ezweni bese beqalile ukubonga lo mholi neZitoyitoyi ngokubembulela elinye ikhasi. Abantu bebebonga benconcoza ngokuthi impelasonto yonke akuzange kuze kube khona ukunqanyulwa kukagesi osekwaphenduka insakavukela umchilo wesidwaba ezweni.
Okunye abakushoyo ukuthi ngokukhuluma nje kwakhe, izitaladi nezindawo eziningi bezibonakala ngamalambu aluhlaza, namagumgedlela amasosha. Umphakathi uthi ubungazi ukuthi iNingizimu Afrika inesibalo esingaka samaphoyisa namasosha ngoba esikhathini esiningi kuhlale kubikwa ukuthi ayashoda.
UMengameli uRamaphosa umemezele ukuthi usephake amasosha angaphezu kwezinkulungwane ezintathu kuzona zonke izingxenye zezwe ukuqaphela udweshu olungaqubuka namuhla. Khonamanjalo inhlangano yabammeli boHlanga iphuthume enkantolo ivimba ukuthi uRamaphosa angawafaki amasosha ngoba lokho kuwukuhlukumeza inkululeko yabantu. Ngokwesimemezelo sikaMengameli amasosha atshalwe kuze kube mhla zili-17 ngenyanga ezayo.
IDemocratic Alliance (DA) ephumele obala iphikisana nemashi yanamhlanje, nayo izwakalise ukudumala ngokuthi kanti uMengameli uyakwazi ukukhipha kalula amasosha ekubeni isihluleke yancama imnxusa ukuba awathumele ezindaweni ezikhungethwe udlame nobugebengu kulesiya sifundazwe.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bathwese uphaphe legwalagwala uMalema ngokubavula amehlo ngenkohlakalo yeqembu elibusayo. Omunye uphawule kanje, “Esikubonayo ngogesi kwenza sikholwe ukuthi lento yokunqanyulwa kwawo, iwukuganga nje kokuzenzela. Zolo lokhu kade sisesigabeni sesihlanu, ngokuphazima kweso sekuyisigaba sokuqala nalapho kumane kuyashiwo nje ngoba ugesi awuzange uphele impelasonto yonke”.
Abanye bathe babe nokuthula impelasonto yonke ezindaweni zabo ngoba bekuphithizela amaveni naseziteshini zamaphoyisa usizo belushesha ngendlela engajwayelekile.