Sigcine sikhishiwe isigwebo ngokubulawa kukaDeby



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Inkantolo yaseChad igwebe amavukelambuso angaphezu kwama-400 udilikajele ngoLwesibili ngokushona kowayengumengameli u-Idriss Deby, owabulawa ngaphambi kwempi eyayibhekene neqembu lawo ngowezi-2021, kusho ummeli wawo.
Icala lamalungu angama-465 eqembu lamavukelambuso elizinze eLibya iFront for Change and Concord in Chad (FACT) liqale ngoNhlolanja zili-13 enhlokodolobha iN’Djamena.
Inkantolo yokudlulisa amacala eN’Djamena ngoLwesibili ithole abamangalelwa abangama-441 benecala lobushokobezi, ukubukela phansi ukuphepha kwezwe kanye nokubeka impilo yenhloko yezwe engozini phakathi kwamanye amacala.
Umholi we-FACT uMahamat Mahadi ubephakathi kwabo abammangalelwa. Bagwetshwe udilikajele kanti kuzomele bakhokhe isinxephezelo kuhulumeni, kusho ummeli wabo uFrancis Djokoulde. Abanye badedelwa ngenxa yokushoda kobufakazi, wengeza ngokuthi ithimba lakhe lizodlulisela icala eNkantolo eNkulu.
Okhulumela i-FACT, u-Adoum Chouwimi, uthe ukuqulwa kwecala bekunamaphutha futhi wabiza lesi sinqumo “ngesicucu”. “Umzabalazo osekumele sisebenzise izikhali uzoqhubeka,” kusho uChouwimi.
Owayengumengameli uDeby, owayeneminyaka engama-68, wadutshulwa ngesikhathi evakashele amasosha eqhudelana namavukelambuso e-FACT ayesuka eningizimu emngceleni osenyakatho we-Chad neLibya futhi ebheke enhlokodolobha. Ubengumongameli walelizwe elikhulukazi lase-Afrika kusukela ngowe-1990, wasinda emizameni eminingi yokuketula umbuso kanye nokuvukela njengomunye wabaholi asebenesikhathi eside e-Afrika.
Indodana yakhe, uMahamat Idriss Deby, yaqokwa njengomongameli wesikhashana yisigungu sesikhashana sabaphathi bezempi ngemuva kokushona kukaDeby. Kulindeleke ukuthi ahlale esikhundleni kuze kube ukhetho oluhlelelwe ukuthi lube ngoMfumfu wezi-2024. Okubuhlungu ngalokhu ngukuthi impi lena ephakathi kwamavukelambuso nohulumeni igcina isithinta izakhamizi ezingenacala kuchitheke igaza lentsha kanye nabadala nsukuzaphuma.