EyamaToll Gate hleze iqhathe i-ANC namadlelandawonye eMpumalanga



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
ICosatu neSACP eMpumalanga basabise ngokuthi bazowuqinisa umkhankaso wokuthi kwehliswe imali ekhokhwayo kwamatoll gate. Lokhu kuza njengoba iSanral inyuse imali ekhokhwayo ekuqaleni kwale nyanga. ISanral ithi inyusa amanani amatoll gate ngama-5% ezweni lonke, ngokuhambisana neConsumer Price Index (CPI).
Amalungu eSACP naweCosatu abhikishe kuwo wonke amatoll gate eMpumalanga. Amalungu eSACP neCosatu akhombisa ukucikeka ngalokho abakubiza ngomhobholo weSanral wokwenyusa kwamanani.
INkomazi Toll Plaza ingelinye lamatoll gate abizayo ezweni. Okunye lamaqembu akufunayo wukuthi imali ekhokhwayo yehliswe ngama-50%.
“Amatoll gate ayabiza kakhulu. Le yitoll gate ebiza kakhulu ezweni. Ukuya eMiddleburg kubiza ama-R75, uya eNkomazi kubiza ama-R79, ngakho wonke la matoll gate ayabiza kakhulu. Sekuyisikhathi sokuthi behlise bafike kuma-50%, futhi abantu abahlala eduze kwale toll plaza nabo kumele bahlomule. Akukwazi ukuthi umkhakha ozimele uhlomula wodwa. Siphinde sibize iTrac neSanral ukuthi le migwaqo, imigwaqo yomphakathi (akusiyo) yomphakathi. (Kumele) ibuyele kuhulumeni,” kusho uNobhala weSACP esifundazweni uLucky Mbuyane.
Abashayeli bezimoto nabo bayakuzwa ukubiza kwalamatoll gate. “Uma usuka ePitoli uya eMpumalanga letoll gate ibiza kakhulu, kodwa asinakho ukukhetha. Kufanele sihambe,” kusho uDavid Ngwenya.
AbakwaSanral bathi bakhathazekile ngosizi lwenhlangano, futhi bayamukele imemorandamu. Kuhlelelwe umhlangano phakathi kwabo bonke abathintekayo ozoba ngoLwesithathu oluzayo ukuze kutholakale isisombululo.
Inhloko yezokumaketha nezokuxhumana kwaSanral, uVusi Mona, uthe, “Simanqikanqika ukukubiza ngokuthi ukunyuka. Kuwukulungiswa okuxhumene nokwehla kwamandla emali. Sibheke izinga lokwehla kwamandla emali ezinyangeni ezili-12 ezedlule bese silungisa intengo ngokwezinga lokwehla kwamandla emali. Kuwumgomo wezomnotho owamukelekayo ngoba irandi nanoma iyiphi imali izolahlekelwa inani lesikhathi esengeziwe; unyaka nonyaka, irandi lilahlekelwa inani. Uma singalungisi sizosebenza silahlekelwe, ngoba izindleko zokulungisa imigwaqo zizonyuka.”
ITrac isiqinisekise abashayeli ukuthi baphephile kuwo wonke amatolls aseMpumalanga.
‘‘Siqhubekile nokusebenza kwethu kosuku. Asibonanga noma yimuphi umbhikisho omkhulu. Abantu bavunyelwe ukubhikisha. Sithumele futhi sacela ukuba amaphoyisa abe khona kuwo wonke amatolls athintwe imibhikisho, futhi lokho okokugcina wonke umuntu ephephile kuhlanganisa nababhikishi abasemgwaqeni kazwelonke,” kusho umkhulumeli weTrac uSolange Soers-Nicholson.
ISACP, ngokubambisana neCosatu, banikeze iSanral izinsuku eziyisikhombisa ukuthi iphendule izimfuno zabo. Khonamanjalo, amaphoyisa ayaqhubeka nokuqapha yonke imigwaqo ekhokhelwayo.