Uhulumeni uqinisa intsha idolo ngemisebenzi



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli Cyril Ramaphosa uthi uhulumeni kancane kancane uyanciphisa ukuntuleka kwemisebenzi kwentsha ezweni. Izibalo ziveze ukuthi ingaphezulu kwama-60% intsha engesebenzi.
Ekhuluma encwadini yakhe yamasonto onke, umengameli uthi intsha ihlomule ohlelweni lukahulumeni wakhe olwaziwa nge-Youth Employment Service. Ngonyaka wezi-2018, uhulumeni kamengameli uRamaphosa wethula i-Youth Employment Service ngokubambisana nezinkampani ezizimele ukuze kubhekwane nezinga eliphezulu lentsha engasebenzi.
UMengameli uthi kuze kube yimanje, lolu hlelo olubalulekile selufake abantu abasha abangaphezu kwezi-100 000 abaphakathi kweminyaka eli-18 nangama-29 emabhizinisini endawo isikhathi esingangonyaka sesipiliyoni somsebenzi.
Uthi bangaphezulu kwama-60% abahlomulayo baphuma emakhaya ahlwempu. URamaphosa uthi kulo nyaka nje kuphela lolu hlelo selukwazile ukudala amathuba emisebenzi angaphezu kwezi-32 000.
Uthe ngalolu hlelo okungenani izigidigizi eziyi-R6 wamaholo entsheni ufakwe emnothweni nokwenza ukuthi le ntsha ikwazi ukondla imindeni yayo. URamaphosa uphinde wabonga amabhizinisi angaphezu kwe-1 400 abambe iqhaza kulolu hlelo.
Khonamanjalo
UNgqongqoshe wezokuMbiwa Phansi uGwede Mantashe uthi inzuzo yezinkampani zezimayini kumele icacise iqhaza lazo ekuthuthukisweni komphakathi. Isitatimende sakhe siza ngemuva kokuthi imiphakathi izwakalise ukuphoxeka ngeNgqungquthela Yokutshalwa kwezimali Kwizimayini nezamandla eNorth West ebiseRustenburg. Bathi izinkampani zezimayini azenzi okwanele ukuthuthukisa imiphakathi ezimba emhlabeni wazo.
UMantashe uthi amandla ezinkampani zezimayini ukwenza izinhlelo zokufinyelela emphakathini ancike ngobukhulu bazo. “Kufanele bathuthukise izinhlelo zezenhlalakahle futhi bathi, ‘amandla ethu wukukwazi ukwenza lolu hlelo lwezabasebenzi bezenhlalakahle’ bese silwenza. Lapho kunomthamo omkhulu, kufanele bakhe isikole esikhulu. Uma bengenawo lowo mthamo, kufanele kube isikole esincane noma umtholampilo omncane. Ezinye izimayini zisebenza ngokulahlekelwa, azenzi mali. Kufanele ulinde ukuthi baphule futhi wenze imali.”