Now Reading
Akavumi ukuphonsa ithawula ekuholeni izwe u-Odinga
Dark Light

Akavumi ukuphonsa ithawula ekuholeni izwe u-Odinga

Amaphoyisa aseKenya aqhumise isisi esikhalisa unyembezi kumholi weqembu eliphikisayo ngoMsombuluko abopha abaphathi bezomthetho eqenjini lakhe ephalamende, ngesikhathi ababhikishi begcwele imigwaqo bebhikishela uMengameli uWilliam Ruto kanye nezindleko eziphezulu zokuphila.

Uhide lwezimoto zikaRaila Odinga, owahlulwa nguRuto nyakenye okhethweni lwakhe lwesihlanu kulandelana ephume isibili, lufuthwe kaningi ngesisi esikhalisa unyembezi ngesikhathi ekhuluma nabalandeli bakhe esemotweni yakhe.

U-Odinga uphakamise ukuthi kube nemibhikisho ezweni lonke njengoba ezama ukusebenzisa ukungagculiseki kwakhe ngomengameli. Okungenani amalungu ephalamende amane aboshwe ngesikhathi kunemibhikisho eNairobi, okuhlanganisa nabaholi abambalwa bePhalamende Likazwelonke kanye neSenethi, kusho umkhulumeli ka-Odinga, uDennis Onyango.

Amaphoyisa abehlome ngemfaniswano yezibhelu adubule ngesisi esikhalisa unyembezi ebhekise kumakhulu ababhikishi abebejikijela amatshe enhloko-dolobha yaseNairobi emijondolo yaseKibera, abebecula bethi: “URuto akahambe.”

“Siyahlupheka futhi sikhathele yilo mbuso kaRuto. Sekwanele,” kusho omunye umbhikishi, ocele ukungadalulwa, ngesikhathi kuzungeza isisi esikhalisa unyembezi.

Abangeneme bahlanganisa abanye balabo abavotele uRuto futhi banomuzwa wokuthi akazethulanga izithembiso zokusiza “abfukuzi” bezwe abakhohliwe, noma amaKenya angabasebenzi. Amaphoyisa asebenzise isisi esikhalisa unyembezi nesibhamu samanzi ukuze avimbele uhide lwezimoto zika-Odinga ukuthi lushayele lubheke emzini kamengameli weState House ukuyoletha incwadi yezikhalazo.

Uhide lwezimoto lube selugijima emigwaqweni yenhloko-dolobha luzama ukuvika izivimbamgwaqo zamaphoyisa, ngaphambi kokuthi u-Odinga aqhamuke ophahleni lwelanga ukuze akhulume nesixuku sabalandeli. Ekhuluma nje isisi esikhalisa unyembezi sibikele imoto, wathi kumele kube nemibhikisho njalo ngoMsombuluko kuze kwehle izindleko zokuphila.

See Also

Edolobheni elisentshonalanga iKisumu, okuyisizinda sika-Odinga, amaphoyisa aphinde adubula ngesisi esikhalisa unyembezi ebhekise kubabhikishi abakhele imililo emgwaqeni, okukhonjiswe kuCitizen TV. Isikhulu samaphoyisa eNairobi u-Adamson Bungei uthe uzoba nemininingwane mayelana nokuboshwa kwabantu enhlokodolobha ngokuhamba kosuku.

Naphezu kwezithembiso zikaRuto zokwehlisa izindleko zokuphila kusukela ethathe izintambo ngoMandulo, ukwehla kwamandla emali kusalokhu kuphezulu emnothweni wakulelizwe njengoba kukhuphuke ngama-9.2% ngoNhlolanja.

URuto uthe uhulumeni wakhe ubeka isisekelo somnotho onempilo, okuhlanganisa nokunqamula ukuthembela ekubolekeni izimali. U-Odinga usebenzise lo mbhikisho njengethuba lokubhikishela ukhetho lwangonyaka odlule ngoNcwaba olwaqoka uRuto njengomengameli  lapho athi lugcwele ukukhwabanisa.

Scroll To Top