Now Reading
Kuzokhunjulwa abagwetshwa intambo ngomsindo wensangu eBergville
Dark Light

Kuzokhunjulwa abagwetshwa intambo ngomsindo wensangu eBergville

IMeya yasoKhahlamba uMnu uVikizitha Mlotshwa, uthe konke sekumi ngomumo ngomcimbi wokukhumbula labo ababulawa ngombango wensangu. Angama-22 amalungu omphakathi aseNgoba, eMangwaneni, eBergville anqunywa wuHulumeni wobandlululo ngonyaka we-1956 emumva kokuba ahlasela abulala amaphoyisa amahlanu ayekade ebulale amalungu omphakathi amabili okunguMnu Gojela Mthembu noMnu Sijumba Kubheka kubangwa insangu ewumgogodla womnotho kule ndawo.

UKubheka noMthembu babulawa ngesikhathi besakhuluma namaphoyisa. Emumva kwalokho kwabe sekukhala icilongo eliwuphawu lokuhloma kwempi eMangwaneni, kwabe sekungenelela amanye amalunga omphakathi kwagcina sekufa namaphoyisa.

UMlotshwa obekhuluma nabezindaba emahhovisi kaMasipala ngoLwesithathu ubalule ukuthi akusensuku zatshwala abuyiswe amathambo alabo ababulawa ePitoli, kwazise asehlonziwe. “Emasontweni edlule lapha emahhovisi kaMasipala sihlanganile nemindeni yalabo abalahlekelwa amalungu awo. Laba sibathatha njengamaqhawe akithi, ingakho sizokwenza isiqiniseko sokuthi sibahlonipha ngesizotha nangezinga eliphezulu.

“Umphakathi iphupho lawo elidala lokuthi usizakale ngokuthi kutholakale amathambo alamalungu aphikeleliswa. Kodwa yabe ingekho indlela yokwenza lokho, sisukumile siwuMkhandlu safuna abazocwaninga amathambo agcina etholakele. Izinhlelo esabe sinazo ukuthi sizobalanda ngokomoya, kodwa ngenhlanhla saphumelela ukuhlonza wonke amathambo abo” kusho uMnu Mlotshwa ojabule ukuthi sebegunyazekile ukuthi bangayidayisa ngokusemthethweni insangu.

Uphinde wabalula ukuthi zingama-30 kwephezulu kuzokwenziwa iNsangu iNdaba, okuwumcimbi ozohlanganisa osolwazi abacwaninga ngensangu. Kuzophinde kuvakashelwe izindawo okutshalwe kuzona, eMaSwazini. Kanti ngakusasa mhla zingama-31 kuzobe sekwenziwa isikhumbuzo salamalungu angama-22 eNgoba, kwaNobadini.

Ubalule ukuthi lamaqhawe kumele ahlonishwe njengalawa abulawa eSharpeville naseSandlwana. Kuzoba nombukiso lapho amalungu omphakathi azobe elwa namaphoyisa khona.

Laba bathathwa  bayoshushiwa ePitoli besuswa eMgungundlovu, kwathi mhla zingama-21 kuNdasa banqunywa bagcwatshwa bembondelene.

See Also

“Njengoba sixoxile nemindeni sizohlonipha lamaqhawe ngokuqamba izintaba zethu oKhahlamba, imigwaqo nokunye okuningi” kusho uMlotshwa.

Laba ababulawa ePitoli uMnu Nhlangwini Hlongwane, uMnu Kamu Hlongwane, uMnu Ndlayedwa Hlongwane, uMnu Nhlanzi Hlongwane, uMnu Babalane Hlongwane, uMnu Mandolozane Ndaba, uMnu Magangeni Kubheka, uMnu Ndoboli Mdluli, uMnu Mantsweshu Mdluli, uMnu Mantongomane Mdluli, uMnu Nhlonzana Mdluli, uMnu Bhobholwane Mdluli, uMnu Mhambaodwabe Mdladla, uMnu Mganda Mdladla, uMnu Mgqolobane Dlamini, uMnu Thela Dlamini, uMnu Mshudeki Mthembu, uMnu Nsingizi Khumalo, uMnu Xhugela Mbatha noMnu Thubela Mahlobo.

Umcimbi wokukhumbula laba abangenhla uzohanjelwa uNdunankulu waKwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uNkk Bongi Sithole-Moloi.

Scroll To Top