Kubanjwe umoya ngesimo esimanzonzo e-Amhare



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Kuzwakale ukuqhuma kwezibhamu okungenani emadolobheni amabili esifundeni sase-Amhara e-Ethiopia ngeSonto njengoba izinkulungwane zibhikishela umyalelo kahulumeni kazwelonke wokuhlanganisa amabutho akhethekile esifunda emaphoyiseni noma embuthweni wezwe, kusho izakhamuzi.
Amalungu ombutho wamasosha akhethekile ase-Amhara kanye namasosha ahlangene afunge ukuthi azowuphikisa lo myalelo wangoLwesine, okuzoba yisiqalo sokungaboni ngasolinye nohulumeni kaNdunankulu u-Abiy Ahmed, othe esitatimendeni lolu hlelo “lwenzelwe ubumbano lwezwe lase-Ethiopia.”
Lo myalelo usebenza kuzo zonke izifunda ezili-11 zase-Ethiopia, ezinamabutho azo ezifunda futhi ezinelungelo lokusebenzisa ulimi lwazo, kodwa wamukelwe kabi ikakhulukazi e-Amhara, eyisifunda esingesesibili ngobukhulu, esesinokungezwani no-Abiy muva nje.
Isakhamuzi saseGondar, lapho bekunombhikisho omkhulu khona, sithe amalungu ombutho oyisipesheli ase-Amhara adubule izikhali zawo esibhakabhakeni ubusuku bonke engahambisani nalo myalelo.
Izakhamuzi ezimbili zasedolobheni laseKobo zithe zizwe ukukhala kwezibhamu ngaphandle kwedolobha. Bekungakacaci ukuthi ngubani owenze lokhu. Kube nemibhikisho okungenani kwamanye amadolobha ayisithupha,ngokusho kwezakhamuzi, zonke zikhulume ngokungadalulwa ngoba zisabela ukuphepha kwazo.
Abakhulumeli uhulumeni wazwelonke wase-Ethiopia , amasosha kazwelonke kanye nohulumeni wesifunda sase-Amhara abatholakalanga ngokushesha ukuze baphawule ngalezizindaba.
Umthombo wezindaba ophethwe uhulumeni wesifunda ucaphune uMholi wase-Amhara u-Yilkal Kefale ethi umyalo kahulumeni kazwelonke awuqondwa kahle njengoba bewubona njengothi akuchithwe izikhali kwamasosha akhethekile ezifundeni. Empeleni nje bekuwukuhlela amabutho ezifunda ngaphansi kwezikhungo zokuphepha zikahulumeni, limcaphune esho.
Amabutho akhethekile kanye namasosha avela e-Amhara alwa esekela amasosha ombuso phakathi nempi yawo yeminyaka emibili esifundeni esingumakhelwane i-Tigray. Ingxabano, eyabulala amashumi ezinkulungwane, iphele ngesivumelwano sokuthula ngoLwezi odlule.
Kepha ezinyangeni ezisanda kwedlula, abaholi kanye nezishoshovu zase-Amhara zisole uhulumeni ka-Abiy ngokunganaki unya olwenziwa kwabohlanga lwama-Amhara abahlala esifundeni esingumakhelwane sase-Oromiya nangokuhlela ukubuyisela indawo ethathwe amabutho aseTigray ngesikhathi sempi.
Bathi ukuhlakazwa kwamasosha akhethekile esifundeni sabo kuzobashiya besengozini yokuhlaselwa yiTigray ne-Oromiya. Umkhulumeli kahulumeni akaphendulanga ngokushesha esicelweni sokuthi aphawule ngalazikhalazo.