Now Reading
Kunzima emndenini koshone emva kwesiphepho esinamandla
Dark Light

Kunzima emndenini koshone emva kwesiphepho esinamandla

Izolo ngoLwesithathu iMeya yaseMhlathuze uXolani Ngwezi nethimba lakhe bavakashele umndeni wakaKhumbane, olahlekelwe ubaba wekhaya ngenxa yemvula enamandla ebihlasele iMpangeni namaphethelo.

Iziphepho okanye izimvula ezinamandla zahlasela ngoMsombuluko ntambama.

ElaboHlanga ebelikhona kuhanjelwa lo mndeni waseMandlankana ngaphansi kwesigodi iBhekizitha kuWadi 14, ngesikhathi kufikwa bekubonakala ukuthi impela uwile umuthi omude okunguMnuz uPetros Khumbane oneminyaka yobudala engama-53.

UMnuz uKhumbane wawelwa udongwa ngesikhathi esemsebenzini enkampanini ebizwa ngokuthi iMet Builders (eseFive Ways) uyena kuphela odlule emhlabeni abanye balimala kanzima.

“Sikhalisana nawo kakhulu umndeni wakaKhumbane, siwuMkhandlu siyakuqinisekisa ukuthi sizowulekelela ngakho konke umndeni. Sizozwa ngawo ukuthi uhlele kanjani, njengoba kwawona ungakazi ukuthi uzomfihla nini. Sifisela nalabo abalimele ukululama okusheshayo” kubeka uMnuz uNgwezi.

UNgwezi uphinde wabalula ukuthi lesi sehlakalo asigcinanga ngokulimaza abantu kodwa silimaze nezakhiwo.

“Yize kubuhlungu ukulimala kwabantu kodwa, lemvula ebinamandla iphinde yalimaza impahla imizi engaphezulu kwengama-20 esesibikeliwe ngayo. Isikhumulo sezindiza salapha eMhlathuze ingxenye yaso nayo ilimele. ENgwelezane naseNseleni kuwe izihlahla eziphazamise ukusebenza kukagesi, esingakuqinisekisa ukuthi abasebenzi bamatasa bayalungisa ukuze kuzoqhubeka ukusebenza kukagesi ngokujwayelekile” kuchaza uNgwezi.

Uqinisekisile ukuthi konke okwenzakalile bakubikile kwisifunda iKing Cetshwayo eholwa uMnuz uThami Ntuli nakanjalo nakaCogta.

ElaboHlanga libe selikhuluma noCebolenkosi Kyle Khulu, oyindodana kaKhumbane nebisebenza naye. UCebolenkosi bekunzima nokuthi akhulume njengoba izinyembezi bezigcwele amehlo kuyena.

“Kubuhlungu kakhulu kumina ngoba lento yenzeka ngikhona emsebenzini naye ubaba, wayekwisikhafula mina ngiphansi ngiwasha amathuluzi. Kwaqala ukuna imvula enkulu ngabaleka ngangena endaweni evalelekile, ngiqeda ukuqoqa izinto engangisebenza ngazo. Kuthe emva kwesikhathi ngaphuma, ngithi ngiyoqhubeka nebengikwenza ilapho ngiqaphelisisa khona ukuthi udonga luwile. Ngezwa abantu bekhala, ngabiza uzakwethu ukuthi azongilekelela ngitakule abanye ozakwethu sabatakula. Emva kwesikhathi ngibheka ubaba sathi siyambheka samthola yena esethule lapho” kubeka uCebolenkosi oneminyaka yobudala engama-21.

See Also

Ubalule ukuthi impela bewumndeni balimele kakhulu, bashayeke engeqiwa ntwala ingozi.

“Ubaba bekunguyena umuntu oyithemba lapha ekhaya, ukuhamba kwakhe emhlabeni kuzoshiya esikhulu isikhala. Kuyasijabulisa ukuthi umkhandlu uzosilekelela ekutheni simfihle kahle uMnumzane wegceke” kusho uCebolenkosi.

Okunye okuvelile ukuthi ijele iQalakabusha nayo imoshekile. Ibhilidi ezikhahlamezekile khona i-Adam Block nelinye elihlala ojele abashadile.

IMeya uNgwezi uphinde wavula ngokusemthethweni iPhrojecti ezoqeda imali elinganiselwa kwizigidi ezili-R160, okuzobe kwakhiwa izinsiza zokuzivocavoca eliseqophelweni eliphezulu. Kuphindwe kwavulwa ukuqalwa ukwakhiwa kwendawo ezobe iphakela iSikhawini amanzi nezindawo esondene naso.

Imindeni engama-200 yakhona eMhlathuze izolidla kahle iPhasika njengoba ithole ukudla.

Scroll To Top