Now Reading
Izoshaya izwele eyehhovisi lamatayitela emkhakheni wezindlu
Dark Light

Izoshaya izwele eyehhovisi lamatayitela emkhakheni wezindlu

Abasemkhakheni wezakhiwo nezindlu bazwakalise ukukhathazeka ngokuvalwa kwehhovisi lamatayitela ePitoli, bathi lokhu kuzoba nomthelela omubi emkhakheni wezakhiwo futhi kudale nokusalela emuva ekubhalisweni kwezakhiwo.

Ihhovisi lamatayitela likhiphe isitatimende lithi leli hhovisi lizovalwa kepha isikhathi sokuvulwa kwawo singaziwa futhi singavezwanga futhi ngokuhamba kwesikhathi likuhoxisile lokhu lathi amahhovisi azovala ngenxa yokuthutha amahhovisi azovulwa mhla zili-17 kuyona le nyanga.

Ihhovisi lamatayitela libhekele ukubhaliswa, ukuphatha kanye nokugcinwa kokubhaliswa kwezakhiwo ezweni. Isaziso sokuvalwa kwehhovisi lamatayitela sidale ukwethuka abaningi bekhathazekile ngokuthi lokhu kuzoholela ekubambezelekeni kokubhaliswa kwezakhiwo futhi kube nomthelela omubi kumakhasimende kanye neholo lebhizinisi.

Kunokukhathazeka futhi ngokuthi ngemuva kokuvulwa kabusha, kuzoba nokusalela emuva kwezakhiwo ezizobhaliswa. Lokhu kuzoba nomthelela emalini engenayo yabasunguli bezindlu ezibolekiwe, ama-ejenti ezakhiwo, nabathumeli bempahla phakathi kwabanye.

Ummeli wezokuthutha uPalesa Seema uthe umthelela wokuvalwa kwalelihhovisi uzodala ukubambezeleka okuzodala izinkinga eziningi kwabaningi.

See Also

Uhlaba ikhwelo lokuthi kube nezinyathelo eziphuthumayo ukuze kugwenywe ukusalela emuva. “Angiqale ngezikhungo zezimali, amabhange, nawo angenisa imali kuleli, ngeke sikwazi ukubhalisa ama-mortgages okuyimali ebolekiwe amabhange ayinika izinkampani noma amabhizinisi abantu futhi uma leyo mali ayingeni, lokho kuyinkinga enkulu bese kuba ngumphakathi jikelele. Nanoma ngubani  muntu uyathinteka ngaloludaba, cabanga umthengi othenge indawo ngenhloso yokuphuma kuleyo ndawo aye kwenye indawo ayonikeza umthengi indawo yokuhlala, konke lokhu kubambezeleka kuzokuphazamisa lokho.”

UMnyango wezokuBuyiswa koMhlaba nezoLimo usuxolisile ngesitatimende esimemezele ukuthi ihhovisi lamatayitela lizovalwa isikhathi esingaziwa, kanti manje uthi leli hhovisi lizovulwa kabusha mhla zili-17 kuMbasa.

Scroll To Top