Now Reading
IMilford FC isayinise abadlali abanamava
Dark Light

IMilford FC isayinise abadlali abanamava

Iqembu laKwaZulu-Natal eligijima kwiMotsepe Foundation Championship (MFC) iMilford FC iqinise isikwati sayo ngomgadli onesipiliyoni uThobani “Wele” Mncwango.

ElaboHlanga lihoshe ukuthi iMilford FC kusukela ngoLwezi nyakenye ibimulandela uma edlala uMncwango, obegijima kuLundi United FC oludlala esigabeni seSafa ABC Motsepe League KwaZulu-Natal.

IGeneral Manager yayo iMilford FC uSenzeni Phuphuma uziqinisekisile leli zindaba zokusayiniswa kukaMncwango.

“UMncwango usengumdlali weMilford FC, simunikeze inkontileka yezinyanga eziyisithupha. Amava akhe ayaziwa kakhulu, sinethemba lokuthi uzolisiza iqembu ngokuthi ahlohle amagoli okuyinto adume ngayo,” kusho uPupuma.

Lo mgadli oneminyaka yobudala engama-36 phambilini uke wadlala kwiBaroka FC, iPolokwane City, iBidvest Wits, iBlack Leopards, i-Ajax Cape Town mese kuba amaqembu akuSafa ABC Motsepe League KwaZulu-Natal iNjampela FC noMkhumbane Classic.

Omunye umdlali onamava osayiniswe iMilford FC uDiamond Thopola, osedlale emaqenjini amaningi okubalwa iThanda Royal Zulu, iChippa United, iMagesi FC, iTshakuma Tsha Madzivhandila ne-Orlando Pirates.

Ngokusho kukaPhuphuma naye unikezwe izinyanga eziyisithupha ukuzibonakalisa ukuthi engalisiza kanjani iqembu.

See Also

Leli qembu laseRichards Bay kulogi ye-MFC lihlezi endaweni yesine, like lahlala isikhathi eside esicongweni.

“Ngaphandle kukaMncwango noThopola sisayinise uSandile Mathumbu osuka kwiSinenkani, naye sinethemba lokuthi uzosisiza. Kunabadlali abathathu esizobasayinisa maduze, ababili bebedlala lana kwi-MFC oyedwa usuka kwi-Safa ABC Motsepe League” kubeka uPupuma.

Abadlali abahlukene naleli qembu nguThobela Sikhakhane noTshepo Liphoko okuvela ukuthi uzojoyina iJDR Stars nayo edlala kwi-MFC.

Scroll To Top