Now Reading
Ukujabulele ukubolekiswa obeqiwa ijezi kuSuthu
Dark Light

Ukujabulele ukubolekiswa obeqiwa ijezi kuSuthu

Umgadli wa-AmaZulu FC uSenzo “Mbhobho” Ndlovu ukujabulele ukuthi abolekiswe kwiDurban City FC, ngoba isifiso sakhe ukuba ethole ithuba lokudlala.

Kusukela iqalile isizini weqiwa ijezi, njengoba esakwaze ukungena eqhamuka ebhentshini emidlalweni emithathu cishe ingama-30 imizuzu aseyidlalile isihlanganiswa yonke.

Endaweni adlala kuyo uNdlovu ubanga noJunior Dion okuvela ukuthi isizini naye uzoyiqedela neMarumo Gallants abolekiswe kuyona.

Kusho ukuthi phambili kuSuthu kukhona u-Etiosa Ighodaro no-Elmo Kambindu othulwe ngokusemthethweni njengomdlali waleli qembu izolo.

UKambindu obegijima kwiChippa United, emidlalweni engama-43 kumasizini amabili nesigamu ushaye amagoli amahlanu.

UNdlovu ubethwele ngeqoma ukuthi uzofike aqhubeke lapho egcine khona, kwazise usayiniswe ileli qembu egila izimanga kwiSinenkani FC edlala esigabeni seSafa ABC Motsepe League e-Eastern Cape. Nalapho ashiye evalele phakathi amagoli angama-23.

Kodwa ukugqama kwakhe eze esayininwa Usuthu kwabonakala ngesikhathi edlalela iTwo for Joy kwiKhabba Cup, nalapho ayewuhlupho khona wagcina ngokuba umgadli ovelele kanti neqembu ayedlala kulo laba ngompetha.

IDurban City FC iyona ehlezi phezulu kwiMotsepe Foundation Championship, okusho ukuthi uma kungaphela isizini kusesenjalo uNdlovu engakhuphuka nayo.

“Bengikudinga ukubolekiswa, inhloso ukuthola ithuba ngidlale. Uma bebona ukuthi ngeke bengidlalise, isinqumo esingcono ikhona ukubolekiswa. Mangithola ithuba lokudlala elanele ngizotshengisa ukuthi akubanga inhlanhla ukufika kwami esigabeni esiphezulu” kusho uNdlovu.

See Also

Lo mgadli uzakhele abalandeli bakhe eThekwini namaphethelo njengoba engalibheki ipali kakhulukazi makuyimidlalo “Yeziteki”.

Abanye abadlali okuvela ukuthi babolekiswe kwiDurban City besuka kulona Usuthu, u-Olwethu Mzimela noSiyanda Hlangabeza.

Omunye umdlali obolekisiwe uYanga Mjoli ozoqedela isizini kwiMarumo Gallants.

UMjoli owayengukaputeni weqembu leDStv Diski Challenge (DDC), ubebolekiswe kwiPretoria Callies edlala kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule.

Scroll To Top