AwaseKZN ngabe azokwazi ukuqeda ishobolo leminyaka kwiNedbank Cup?



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Amaqembu asesifundazweni iKwaZulu-Natal azoba yingxenye yeNedbank Cup abhekene nenselelo yokuba aguqule umlando ongemuhle neze makuziwa kulo mqhudelwano womkhumulajezi.
Kusukela waba khona lo mqhudelwano alikho iqembu laKwaZulu-Natal eliseke lawunqoba. Wasungulwa ngowe-1971, kusukela ngalowo nyaka kuya kowe-1975 wawubizwa ngeLife Challenge, ngowe1976 kuya kowe-1977 waba iBenson and Hedges Trophy.
Uqhubekile ngowe-1978 kuya kowe-1987 uyiMainstay Cup, walandela waba iBob Save Super Bowl ngowe-1988 kuya kowezi-2021, washintsha waba i-Absa Cup ngowezi-2003 kuya kowezi-2007, emva kwalokho wabe usuba iNedbank Cup.
Amaqembu aKwaZulu-Natal azoba yingxenye yalo mqhudelwano ayisikhombisa kwangama-32 asewonke. Awakulesi sifundazwe kukhona AmaZulu FC, iLamontville Golden Arrows, iRichards Bay FC, iDurban City FC, iMilford FC, Umvoti FC neRoyal AM okungacaci ngekusasa layo njengoba ilokhu imiselwa imidlalo yayo iPremier Soccer League (PSL).
Abaqeqeshi bamanye amaqembu bathembise ukuthi bazodlulela esigabeni esilandelayo okuyi Last 16.
URonnie Gabriel osethimbeni labaqeqeshi beRichards Bay FC uthembise ukuthi bengaligila iqembu laseSoweto i-Orlando Pirates.
“Iqembu lethu liyaziwa ukuthi lihlezi liyimisa kabi iPirates, nakulokhu ngikubona kungenzeka lokho. Abantu bazobhema bakholwe. Amalungiselelo ahambe kahle kakhulu, abadlali bawulangazelele lo mdlali” usho kanje.
La maqembu azotholana phezulu ngeSonto ngele-15:00 ntambama, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
IPirates okuyiyo evikela isicoco sayo iNedbank Cup, ngonyaka wezi-2023 yawashiswa ijezi iyona iRichards Bay FC koweCarling Knockout.
UMusa Bilankulu weLamontville Golden Arrows, uthe kuzomele banqobe njengoba usihlalo wewembu ebaqonse ngendlebe ukuthi uyayifuna lenkomishi.
I-Arrows yiyo esifundazweni iKwaZulu-Natal eyagcina ukuphakamisa inkomishi okwabe kuwunyaka wezi-2009, iqukula i-MTN 8.
“USihlalo weqembu uManto Madlala wakubeka kwacaca ukuthi ufuna inkomishi, iNedbank Cup iyona nkomishi esisele nayo ukuthi siyinqobe ngoba eyeBetway Premiership ngeke ngiyibale. Ngalokho kuzomele sisebenze kanzima ukufeza lelo phupho likaSihlalo. Okuzosilekelela ekutheni sinqobe lo mdlalo ongeke ubelula, ukuthi sidlala lapha ekhaya” usho kanje.
EzikaBilankulu zizotholana phezulu neChippa United kusasa ngoMgqibelo kumdlalo ozoqala ngele-15:00 eMpumalanga Stadium.
IDurban izodlala neLerumo Lions ekuhambeni, AmaZulu FC azodlala neMighty Eagles ngoLwesibili, iRoyal AM bekumele idlale neMilford FC ngoMsombuluko kodwa lo mdlalo ngeke usaba khona.