UNabi ujikijele unompempe ngamazwi waze wamnika ikhadi elibomvu yize umdlalo ubusuphelile
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
IChiefs ikhala ngokuthi sincane isikhathi esengezwe unompempe
Ukuhluthuka komqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi kumenze waze egcina ethola ikhadi elibomvu yize umdlalo ubusuphelile.
IChiefs ithole induku kwiLamontville Golden Arrows ngegoli elilodwa eqandeni kumdlalo weBetway Premiership, obuseMoses Mabhida Stadium, izolo ntambama.
UNabi emva komdlalo uqonde kunompempe ebedlalisa lo mdlalo u-Olani Kwinda emjikijela ngamazwi. Akuphelanga lapho ngoba ngisho sebeya ngasezindlini zokushintsha ubelokhu emcholofiya emkhomba nangomunwe.
UKwinda ube esethatha isinqumo sokukhipha ikhadi elibomvu.
Lo mdlalo yize beliyidliva imvula kodwa ugcine ukwazi ukuthi uphele, i-Arrows inqobe ngegoli likaGladwin Shitolo ogcine eqokwa njengomdlali ovelele osukwini.
Abalandeli beChiefs abadele imvula beyobuka lo mdlalo baphume bedangele, kwezinye iziwombe babonakale behhehhemeza umgadli uRanga Chivaviro othe engena wabe egeja ebhekene nonozinti emva kwalokho ube namaphutha amaningi.
Kwisithangami sabezindaba akukhulumanga uNabi kodwa kukhulume iphini lakhe uKhalil Ben Youssef naye obebonakala ecasukile, ekhala ngesikhathi esengezwe unompempe esiyimizuzu emithathu.
“Esiwombeni sesibili amaqembu womabili enze izinguquko eziningi, okusho ukuthi lapho bekumosheka isikhathi. Imizuzu emithathu ibinganele, okungenani ibingaba mihlanu. Unompempe ngibone engathi ubenzelela kodwake ngeke ngikhulume ngakho kakhulu” kusho uBen Youssef.

