Injabulo kumqeqeshi ethola ithuba lokuqeqesha izinkakha
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kungakapheli isikhathi esingakanani kade enikwe ithuba lokuqeqesha isikwati seTheku kunobhutshuzwayo wabesilisa emidlalweni waminyaka yonke obizwa ngama-South Africa Local Government Association (Salga) KZN DSAC Games abaseThekwini, uMafa “Wele” Zuma usephinde wathola elinye ithuba lokuzibonakalisa.
UZuma waseChesterville kulokhu unikezwe ithuba lokuqeqesha izinkakha zikanobhutshuzwayo ezizodlala nesikwati esakhiwe ngabadlali bakuMasipala wesiFunda Ugu.
Lokho kuzokwenzeka kumqhudelwano waminyaka yonke ohlelwa uNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, uSiboniso Duma nobizwa ngeSA Duma Foundation U/20 Soccer Tournament.
Lo mqhudelwano osuqede iminyaka eli-15 wasungulwa uzoqala namuhla ngoLwesihlanu usongwe ngeSonto, uzobanjelwa e-Ugu Sports and Leisure Center ngaphansi kaMasipala iRay Nkonyeni.
“Ngesikhathi ngizwa ukuthi ngizoqeqesha izinkakha ezihlonishwayo kuleli angikholwanga, ngoba into ebengingayilindele nhlobo. Ngathi iphupho, impela. Ngingasho ngithi mhlambe okwenze ngaqokwa ingoba ngikwaze ukuhlanganisa isikwati seTheku ngempumelelo. Kulesi sikwati kuzobe kukhona uSiyabonga Nomvethe owathi edlala ngabe ngiwu-Ball Boy, uDoctor Khumalo engikhule ngimbuka kwithelevishini ukubala abambalwa” kusho uZuma.
Umdlalo wo-Ugu Masters neSouth Legends iwona ozovulela umdlalo wamanqamu ozokuba ngeSonto.
Kubadlali okulindeleke ukuba babonakale esikwatini seSouth Legends kukhona uJaphet Zwane, uSiyabonga “Nsimbi” Sangweni, uThanduyise “Gonondo” Khuboni, uJabu Pule/Mahlangu, uMbulelo Mabizela, uPhilani Shange noSibusiso Zuma ukubala abambalwa.
Le midlalo izophinde ihanjelwe uManqoba Mngqithi obengumqeqeshi weMamelodi Sundowns, kzobe ezele ukuzohlomisa abaqeqeshi abasafufusa ngolwazi lwalo msebenzi.
ElaboHlanga libuza uZuma ukuthi ngabe likhona yini iqembu angase abonakale kulona ngoMasingana uthe: “Okwamanje alikho iqembu elikhuluma into eqondile, bonke basangithinta bengibuza ukuthi namanje angisebenzi ndawo yini. Kumaqembu angithintayo awakwi-ABC Motsepe League, mese kuba elilodwa lakwi-SAB League elisembangweni weligi nelinamathuba okunyukela kuyona i-ABC Motsepe League”.
Lo mqeqeshi unamava amakhulu njengoba esesebenze namaqembu amaningi akwiSafa KZN ABC Motsepe League, lapho kubalwa iGWP Friends, iSummerfield Dynamos, iNewcastle All Stars neDitlou FC. Kanti usebenzile nabaqeqeshi abaziwayo okuwuRonnie Gabriel oyibamba mqeqeshi kwiRichards Bay FC, uPapi Zothwane noClinton Larsen abakwiMagesi FC kube uMncedisi “Dada” Sibiya yena oqeqesha iqembu la-AmaZulu FC le-DDC.
Iqembu elizonqoba lo mqhudelwano ozodlalwa amaqembu angama-24 lizogoduka nezinkulungwane ezili-R100.
Kumaqembu azobe ekhona kukhona iMidlands Academy, iBizana Pondo City, i-Ethekwini Coastal FC, Izinsephe FC, iSinenkani FC neKwaNdengezi Brazil ukubala ambalwa.