Zimbondelene izinkinga kwiRoyal AM
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ukuhlehliswa komdlalo weRoyal AM neChippa United kushiye imibuzo eminingi njengoba singavelanga isizathu sokubhuntsha kwalo mdlalo.
IChippa United ibe isikhipha isitatimende izolo ebusuku iveza ukuthi ngeke usaqhubeka umdlalo wayo naleli qembu laseThekwini obuhlelelwe ukuthi ube ngoMgqibelo.
Ngokwesitatimende seChilli Boys, iPremier Soccer League (PSL) ayizivezanga izizathu zokuhlehliswa komdlalo, okuzwakale kuyenenga kakhulu iChippa United.
ElaboHlanga likhuluma nomthombo osondelene naleli qembu uveze ukuthi, ukuhlehliswa kwalo mdlalo kungenxa yokungakhokhelwa kwabadlali.
“Abadlali beRoyal AM babe noKhisimusi omnyama njengoba bengawatholanga amaholo abo angoZibandlela. Bekumele bebuyele ejimini kodwa bathi ngeke bebuyele bengakhokheliwe. Namhlanje kukhona asebeyitholile imali, kodwa abanye abakayitholi. Yize kunjalo kodwa ngeke kusashintsha lutho umdlalo ngeke usadlalwa” kusho umthombo.
Ngokomthetho iRoyal AM bekumele ijime ngehora lesithathu namuhla ntambama, kodwa iningi labadlali basemakubo kunengcosana eseClub House.
“Nangonyaka wezi-2023 abadlali bawudla kabuhlungu ukhisimusi njengoba baze baholelwa ngomhla zingama-27 kuZibandlela” kubeka umthombo.
Uqhuba umthombo uthe: “Yize kunenkinga yokuholelwa kwabadlali ngoZibandlela, nale ndaba ethinta uSamir Nurkovic kungenzeka ukuthi ibe imbangela yokuhlehla kwalo mdlalo”.
Kuzokhumbuleka ukuthi iRoyal AM isinqunyelwe ugwayi katiki odabeni lwemali eyikweleta uNurkovic ebalelwa kwizigidi ezili-R15.
UMmeli wakhe kaNurkovic ngoLwezi nyakenye ubhalele iPSL ecela ukuthi ixebule kwizigidi ezimbili ezinikezwa iRoyal AM zinyanga zonke ukuze kukhokhelwe uNurkovic, kodwa iPSL ngathi ayikasiphasisi leso sicelo.
Okunye okubhekene neRoyal AM wukuthi uma lolu daba lubuyela kwiFIFA kungenzeka kuphume umyalelo wokuthi iphucwe amaphuzu kule sizini, okuzoyishovela ehlathini njengoba ivele isendaweni ye-15 kulogi.
IPSL ayikasikhiphi isitatimende ngokuhlehla kwalomdlalo wangempelasonto, kodwa kuzomele iziveze izizathu maduze.