IChiefs nezivivinyo ezinzima ngaphambi kweSoweto Derby
![](https://i0.wp.com/bayedenews.com/wp-content/uploads/2020/05/WhatsApp-Image-2022-12-20-at-11.32.51-3.jpg?fit=80%2C76&ssl=1)
![](https://i0.wp.com/bayedenews.com/wp-content/uploads/2025/01/Nasreddine-01.png?fit=1200%2C716&ssl=1)
![](https://i0.wp.com/bayedenews.com/wp-content/uploads/2020/05/WhatsApp-Image-2022-12-20-at-11.32.51-3.jpg?fit=156%2C149&ssl=1)
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Uma uya empini lapho usuke uzobhekana nesitha sakho esikhulu, kumele uye uhlome ngokuphelele izikhali zonke zicijile ukuze uzokwazi ukuthi uyinqobe leyompi.
Lesi simo sibhekene neKaizer Chiefs, ehlalelwe umsebenzi onzima wokuthi izilungiselele impi enkulu ezoba mhla lulunye kuNhlolanja, lapho iyobe ibhekene khona nomkhaya bayo i-Orlando Pirates kumdlalo weligi.
IChiefs ngaphambi kokubhekana nePirates kuzomele ilungise amaphutha ayo kwimidlalo emithathu yeligi, okubukeka kuzoba lukhuni satshe njengoba kusukela kuqale isizini ithwele kanzima.
Amakhosi aphoxe inqwaba yabalandeli evula unyaka wezi-2025 ngenduku ngesikhathi eshaywa iCape Town City ngegoli elilodwa eqandeni koweligi ngeSonto eledlule. Kuyimanje kulogi leli qembu eliphekwa uNasreddine Nabi lihlezi endaweni yesine kulogi yeBetway Premiership.
Kwimidlalo emithathu ngaphambi kweSoweto Derby, iChiefs izobhekana nalamaqembu:
- Namuhla izovovana inkani neStellenbosch FC lo mdlalo uzoqala ngele-19:30 eFNB Stadium.
Lo mdlalo uzoba nzima ngakhulu njengoba iStellies sikwazi ukuwanikeza inkinga lamaqembu okuthiwa makhulu, senza kahle kakhulu futhi njengoba sihlezi endaweni yesihlanu kulogi. Sizoza kulo mdlalo sizithemba njengoba ngempelasonto sinqobe ngamagoli amabili eqandeni kumdlalo wase-Africa.
Abadlali beChiefs impela kuzomele basebenze kulo mdlalo ukuze bejabulise abalandeli babo abangalenzi iphutha ngokuhambela imidlalo.
- NgeSonto izotholana phezulu neLamontville Golden Arrows:
Nalo mdlalo ngeke ube lula neze kwiChiefs njengoba iLamontville Golden Arrows emidlalweni emihlanu ihlulwe kanye kuphela, okusho ukuthi yenza kangcono.
Okunikeza abadlali beChiefs ithemba ukuthi inerekhodi elihle uma idlala eMoses Mabhida Stadium, kumdlalo wokugcina obungomhla zingama-29 kuZibandlela yehlule iChippa United.
- Mhla zili-19 kwephezulu iyobhekana neSekhukhune United:
Nalona futhi umdlalo uzoshuba kakhulu ngoba iSekhukhune United kuyimanje ilele endaweni yesine kulogi, okusho ukuthi nayo idlala kahle.