Uzibona esekulungele ukudlala eqenjini elikhulu leSekhukhune United
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
U-Awande “Jub Jub” Mngwengwe ufisa ukuqhubeka nokukhuphula isibongo sakubo kunobhutshuzwayo njengoba enza umnewabo uNkanyiso “Sgora” Mngwengwe.
UNkanyiso wazakhela igama ngesikhathi egijima kwiLamontville Golden Arrows, wajoyina leli qembu ngonyaka wezi-2013 esuka kuMngeni City esigabeni sama-Amesha. Wagcina enikezwa ibhande lakaputeni wadlala imidlalo engaphezulu kwelikhulu, kwaze kwaba uyadlula emhlabeni ngoNhlaba wezi-2020.
Ukuhamba kwakhe emhlabeni kwathusa abaningi njengoba kwakungakaze kubikwe ukugula kwakhe, kwaba nje isigubhukane.
“Umfowethu (uNkanyiso) wahamba emhlabeni isobongo sakithi esesidumisile ngendlela adlala ngayo kwi-Arrows. Lokho kuhlezi kungenza ngibe nenselelo yokuthi kumele ngiqhubeke lapho abe egcine khona. Ngiyazi ukuthi kuzoba umqansa kodwa into engizibophezelele ukuba ngiyenze, ngoba ngingasho ngithi ukudlala kwakhe esigabeni esikhokhelayo kwangikhuthaza kakhulu” kusho uMngwengwe.
Lo mdlali oneminyaka yobudala engama-20 odabuka eCator Ridge, kwaXimba okuyindawo eseceleni kwaseMgungundlovu, kuyimanje udlalela iSekhukhune United eqenjini le-Dstv Diski Challenge (DDC).
Ujoyine iSekhukhune United ngonyaka odlule ngesikhathi egila izimanga emdlalweni yaminyaka yonke ama-South Africa Local Government Association (Salga) KZN DSAC Games. Wabonwa iso likaTeboho Moloi we-TM Scouts, wabe esemthatha wamuhambisa ukuba ayoziveza.
“Iphupho lami ngiyalibona lifezeka njengoba nakhu sengizilolonga neqembu elikhulu leSekhukhune United. Ngiyafunga ngiyagomela ukuthi uma ngithola ithuba lokudlala eqenjini elikhulu leSekhukhune United ngizolibamba ngezandla zombili, impela ngeke ngisabheka emumva” usho kanje lomdlali oyibamba kuthule umoya esiswini.
Esonga uthe: “Ngiwumuntu oqhamuka endaweni yasemakhaya, uma kungathiwa ngiyabonakala eqenjini elikhulu kuzokhuthaza intsha eningi yangakithi ukuthi akukho okungenzeki empilweni. Konke lokho kulele ekutheni ngiqhubeke nokuzimisela, ngihloniphe” usho kanje.
Lo mdlali ozifela ngo-Andile Jali uthe unephupho lokugijima kwiMamelodi Sundowns ngelinye ilanga.