Kuvele igama likaSiphephelo "Yaya" Sithole kubadlali abangama-23 ababizwe eqenjini leBafana Bafana.
Lo mdlalo ophakathi kwalamaqembu uzobanjelwa eChatsworth Stadium, kulindele uqale ngele-19:00 kusihlwa.
Imidlalo ebiqala nonyaka ukubizwa nge-Dr BV Mthethwa Mayoral Tournament iqale ngoLwesihlanu kwaze kwaba iSonto.
Iyasuka iyahlala kusasa ngoMgqibelo imidlalo yeNdebe YoMhlaba yabesilisa abaneminyaka engaphansi kweminyaka engama-20.
Kule sizini izobe idlala esigabe se-Safa ABC Motsepe League kwisiFunda iWestern Cape.
Inkundla obesekuphele isikhathi ingasebenzi uMhlathuze Sport Complex kulindele iqale ukusebenza ngemidlalo yeKZN Premier's Cup.
UKhulekani Shezi oyisitobha seSekhukhune United kubukeka emancane amathuba okuthi usezophinde aligqoke ijezi laleliqembu.
UWatenga ulimale kanzima ngesikhathi izwe lalapho adabuka khona i-Uganda idlala umdlalo wobungani neMorocco.
IMagesi FC esanda kuhlukana no-Owen Da Gama obengumqeqeshi wayo, isithole umqeqeshi omusha.
Kubukeka kuyimithandazo kuphela engenza iqembu laKwaZulu-Natal iMidlands Wanderers FC, ikwazi ukudlulela kowandulela owamanqamu emidlalweni yamaPlay-Offs…...
ISekhukhune United isiphinde yamemezela ukuthi isihlukane nomunye umdlali.
Ngesikhathi i-Orlando Pirates imemezela uJose Riveiro njengomqeqeshi wayo omusha kumasizini edlule, kwaba nolukhulu ungabazane ngoba wayengenalo irekhodi elihle
UClinton Larsen kuvela ukuthi nguyena ozobe ehlezi ebhentshini le-Venda FC njengomqeqeshi omusha.
UCele noThalente Mbatha benze indumezulu yomqhudelwano ozobaKwaMashu kulempelasonto iThabo-Thalente Games.
Ogaqede esokuba uMengameli weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) uMandla Mngomezulu uhlela indumezulu yomqhudelwano ngakubo eHluhluwe.
IMilford FC kuvela ukuthi baningi abadlali engeke ibabuyise ngesizini ezayo.
USteve Barker ongumqeqeshi weStellenbosch FC kumjabulisile ukuthi bakwazile ukudlela phambili kwiNedbank Cup.
Omunye wabaqeqeshi ba-AmaZulu FC uVusumuzi "Kanu" Vilakazi, udalule ukuthi kuyamjabulisa ukubamba umgqigqo okuyinto ekade ibalimaza kakhulu ezikhathini ezedlule.
Kumdlalo odlule iStellies sidlale ngokulingana neSekhukhune United.
IPremier Soccer League (PSL) isiqoke umgadli weSekhukhune United u-Andy Boyeli njengomdlali ovelele kuMasingana.
URushwin Dortley oyisitobha seKaizer Chiefs uthi bafuna ukuwathola egcwele amaphuzu amathathu mese bebhekene na-AmaZulu FC.
Kulindeleke ukuthi isigceme saka-G KwaMashu sihlukane phakathi nendawo mese kutholene phezulu iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.
Kule ligi kujwayelekile ukuthi uma sekuwumlenze wesibili abe maningi amacala abakhona.
Unozinti weqembu eligijima kwiSafa KZN ABC Motsepe League iNjampela FC, ubona emaningi amathuba okuthi benganqoba iqoqo.