Now Reading
UZungu noMthethwa bathembisa lukhulu kuSuthu
Dark Light

UZungu noMthethwa bathembisa lukhulu kuSuthu

UBongani “Ben 10” Zungu noSandile Mthethwa baphawule okokuqala emva kokumenyezelwa njengabadlali abasha ba-AmaZulu FC.

La badlali bamenyezelwe njengabadlali boSuthu izolo ntambama.

UZungu ujoyina uSuthu nje ubengena qembu kusukela akhululwa iMamelodi Sundowns, uke wazama inhlanhla kwiWydad Athletic Club eqeqeshwa uRhulani Mokwena kodwa kwangalunga njengoba kwavela ukuthi abaphathi beqembu babona isikwati sinabadlali basesiswini abanele. Kanti uke wamataniswa neKazier Chiefs.

“Ngijabule ngethuba lokusebenza no-Arthur Zwane noVusi Vilakazi. Sengiyibukele imidlalo yaMaZulu, adlala ibhola lesimanje. Indlela engiqonda ngayo unobhutshuzwayo izolekelela iqembu, kodwa ngiyazi kumele ngisebenze kanzima ukuze ngithole ithuba lokudlala. Engihlose ukukwenza ukusiza iqembu lisuke lapho elikhona kulogi ngiphinde ngilekelele abadlali abasakhula ngamava enginawo. Yonke indawo engidlale kuyo ngifike nganqoba izindebe, ngifuna ukufika nalowo mqondo. Ngiyazi okumele kwenziwe ukuze siwine. Ngizele ukuzonqoba” kusho uZungu.

Lo mdlali odlala esiswini uzobanga ijezi noBen Motswari, uCelimpilo Ngema uSiyanda Hlangabeza no-Ethan Brooks.

See Also

UMthethwa yena okhululwe i-Orlando Pirates ngeledlule uthe: “Ngibonga AmaZulu ngokukholelwa kimina. Ngizwile ukuthi kuke kwaba nemizamo yokungisayinisa, njengoba sengikhona, ngifuna ukukhombisa ukubonga kwami ​​ngokusebenza kanzima enkundleni. Le kilabhu iseduze nenhliziyo yami njengoba iqhele ngamahora amabili nje ukusuka edolobheni langakithi, eMpangeni, ngakho ngizizwa ngisekhaya. Ngiyazi ukuthi uhambo oluzayo ngeke lube lula, kodwa ngiyathembisa ukuthi ngizonikela ngakho konke ngaleli bheji loSuthu”.

UNyambose abakaMthethwa uyisitobha ijezi uzolibanga noRamahlwe Mphahlele, uMbongeni Gumede, uKwanda Mngonyama noTariq Fielies.

Scroll To Top