Now Reading
Kuningi okubhekwe kwiMotsepe Foundation Championship njengoba kuzoqala umlenze wesibili
Dark Light

Kuningi okubhekwe kwiMotsepe Foundation Championship njengoba kuzoqala umlenze wesibili

Isiya ngokushuba kakhulu iligi yeMotsepe Foundation Championship (MFC), njengoba sekuzoqala umlenze wesibili.

Kule ligi zintathu izindawo ezisuke zibhekiwe uma kusuke sekuphele isizini. Eyokuqala ukuthi iliphi iqembu eliba ngompetha, lelo qembu yilo phela elikhuphukela kwiBetway Premiership ngesizini elandelayo.

Okwesibili kubhekwa ukuthi imaphi amaqembu amabili aqeda endaweni yesibili neyesithathu, lawo maqembu abe esedlala imidlalo yokuhlungela ukunyukela kwiBetway Premiership.

La maqembu amabili adlala neqembu elisuke liqede endaweni ye-15 kwiBetway Premiership.

Indawo ebhekwa kakhulu okungeyesithathu emqoka kakhulu, ilapha emsileni ukuthi imaphi amaqembu amabili ashona phansi kwi-ABC Motsepe League.

Njengamanje emva kwemidlalo eli-15 esidlalwe iwona wonke amaqembu, iqembu elizihola phambili kulogi iDurban City FC enamaphuzu angama-31. Ayihleli ngokukhululeka kwazise ilandelwa ngemumva i-Orbit College enamaphuzu angama-28, iJDR Stars angama-27 kube iMilford FC angama-25.

See Also

Lapha ezansi amaqembu asalelwa ukubalekela ukudliwa izembe mathathu, emsileni kuneLeruma United enamaphuzu ali-10, iVenda ali-12 kube iCape Town Spurs yona enali-13.

Kule midlalo eli-15 esele kuningi okusangenzeka kusangabonakala kuqeda phezulu elinye iqembu, endaweni yesibili neyesithathu kuqede amanye amaqembu.

Umbango wokungadliwa izembe kubukeka sekucacile ukuthi uzoba phakathi kwalamaqembu amathathu angenhla.

Scroll To Top