Umgadli weStellies ufuna bashiye kumuncu ePhefeni
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Mhla ziyisikhombisa ngowe-1970 kwasungulwa iqembu iKaizer Chiefs, okusho ukuthi izolo ibigubha iminyaka engama-55 yabakhona.
Njengoba leli qembu ligubha iminyaka engama-55 namuhla, linomdlalo onzima lapho lizotholana phezulu neStellenbosch FC koweBetway Premiership. La maqembu azotholana phezulu eFNB Stadium ngele-19:30 kusihlwa.
Umgadli weStellies u-Andre de Jong uzimisele ngokona umcimbi kubafana basePhefeni.
“Isimo sihle kakhulu ekhempini, besindawonye eGoli kusukela ngoMgqibelo ngicabanga ukuthi wonke umdlali usesimeni esihle. Sikubheke ngabomvu ukuthola amaphuzu agcwele kulo mdlalo. Umdlalo obaluleke kakhulu kithina, ikakhulukazi ngenxa yesiminyaminya, kanti nesimo kulogi sishubile. Lona ngumdlalo wethu weligi kuphela kulenyanga, ngoba sizodlala imidlalo yeCAF, ngakho-ke sidinga ukuthola amaphuzu” kusho uDe Jong.
Lo mgadli waseNew Zealand uza kulo mdlalo enokukhulu ukuzithemba njengoba ngempelasonto koweCaf Confederation Cup iStellies sibhekene neCD Lunda Sul uvalele phakathi amagoli amabili.
IChiefs iza kulo mdlalo izithoba amanxeba njengoba ihlulwe iCape Town City ngegoli elilodwa eqandeni koweligi ngeSonto eledlule.
Umlando la maqembu uma ebhekene uvuna iChiefs njengoba emidlalweni emihlanu inqobe emine.