Inhlansi yethemba ngenkinga yamanzi kwisiFunda uMzinyathi.
Umqeqeshi wa-AmaZulu FC u-Arthur “10111” Zwane uthe bazoya kumdlalo wabo neDurban City FC benezinkinga, kodwa…...
Ubona bezowathola ephelele amaphuzu amathathu ku-AmaZulu FC.
USibiya uthi kunomkhankaso wokumnyundela ukuze angakwazi ukungenela isikhundla sokuba ngumphathi woKlebe.
UNgqongqoshe wamaphoyisa useveze ukukhathazeka ngenkohlakala ebeka engcupheni ukuphepha kwezwe.
Abathandi bakanobhutshuzwayo baKwaMashu namaphethelo, bazosizwa ngendaba isizungu njengoba kunedili lemidlalo yeDstv Diski Challenge (DDC).
Ubethula ubufakazi ngosuku lwesibili phambi kweKomidi lePhalamende le-Ad Hoc, eliphenya inkohlakalo ethinta ezokuphepha kuzwelonke.
ISILO sikuvezile ukuthi sizokwelula isandla soxolo nokubuyisana eNdlunkulu kanye neSizwe.
IDemocratic Alliance (DA) isiveze ukuthi ifuna izeluleko zomthetho mayelana nokuqhubeka nokubamba iqhaza kwelungu layo, uDianne…...
Bafisa sinabele nakwezinye izindawo isiteleka sabo abasebenzi abangabashayeli bezithuthuthu zenkampani engaphansi kwesitolokazi esikhulu iShoprite eyaziwa ngeSixty 60.
Kuvele igama likaSiphephelo "Yaya" Sithole kubadlali abangama-23 ababizwe eqenjini leBafana Bafana.
UMnu uMthethwa, wedlule emhlabeni ngoLwesibili eParis, eFrance, lapho abetshalwe khona nguMengameli walapha eNingizimu Africa.
Kusolwa ukuthi unkosikazi kalowo owayenguNgqongqoshe wamaPhoyisa ubike ukuthi ulahlekile ngoMsombuluko kusihlwa.
Kwakungeyona imali kuphela eyayihamba phambili, kukhona nowaphiwa Impala.
Ubexinwa ngeminyaka yakhe kuyona yonke imikhankaso abeyenza.
Kube nesibalo esiphezulu sezokuvikela ngoMsombuluko kusihlwa kuvimbe imibhikisho eholwa yintsha emadolobheni amaningi aseMoroccan, lapho intsha…...
IDemocratic Alliance (DA) eGauteng ithi izoziqapha ngeso lokhozi izincomo eziqhamuke kumbiko weSpecial Investigating Unit.
Kulahleke imali eyizigidigidi ezi-2 ngenxa yokungalandelwa kwemthetho yamathenda kanye nokukhwabanisa eTembisa Hospital.
Inhloko yophiko lwezobuNhloli uDumisani Khumalo uzokwethula ubufakazi kwiKhomishini kaMadlanga ePitoli namuhla.
Iyasuka iyahlala kusasa ngoMgqibelo imidlalo yeNdebe YoMhlaba yabesilisa abaneminyaka engaphansi kweminyaka engama-20.
Ikhomishana eholwa uMehluleli uMadlanga isikuqinisekisile ukuthi isikhulu sezobunhloli emaphoyiseni uMajor General Dumisani Khumalo uzovela kuyo.
Usenukisa okweqaqa uNetanyahu.
Icala lokukhwabanisa, lokweba kanye nelokushushumbisa imali elibhekene nalowo owayengumkhulumeli we-ANC kuzwelonke, uPule Mabe, lizobuyela enkantolo yaseGoli, ePalm Ridge, eKurhuleni.
UMchunu uthe akukwazi ukuthi iziNduna nomphakathi sekungathi babuyiselwa umhlaba bese beba amagwala bayeke ukulwela umhlaba okungowabo.