Now Reading
UZwane ukhala ngo “Mkhokha” wokulinyalelwa abadlali
Dark Light

UZwane ukhala ngo “Mkhokha” wokulinyalelwa abadlali

Umqeqeshi wa-AmaZulu FC u-Arthur Zwane kuyamkhathaza ukulokhu elinyalelwa abadlali kakhulukazi labo abafana nomgogodla weqembu.

Lo mqeqeshi uveze lokhu emva komdlalo wayizolo lapho kade bebhekene nePolokwane City koweBetway Premiership ePrincess Magogo Stadium, nalapho bekhale khona ngaphansi ngegoli elilodwa eqandeni.

Kumdlalo wayizolo kuthe kungakapheli ngisho imizuzu eli-10, AmaZulu FC alinyalelwa isitobha sawo uKeagan Allan indawo yakhe ethathwe uBongani “Ben 10” Zungu.

USuthu luye kulo mdlalo ngaphandle kukaThabiso Kutumela, uTaariq Fielies, u-Elmo Kambidu, uRyan Moon noThandolwethu Ngwenya bonke abalimele.

“Ithanda ukungikhathaza lento yokuthi silokhu silinyalelwa abadlali kakhulukazi labo abawumgogodla weqembu. Namuhla (Izolo) silinyalelwe uKeagan kwaphoqa ukuthi sifake uBongani ngoba uyena umdlali obenamava ebhentshini, naye simfake kungafanele ngoba usanda kubuya ekulimaleni ngalokho ubedinga simfake imizuzu emincane ayi lena egcine eyidlala. Akumeleke kube yinto esicasha ngayo lena yokulinyalelwa abadlali, abakhona kumele basebenze kanzima balwise okwamasosha kwazise sinesikwati esincane” kusho uZwane.

Ubalule ukuthi nomdlali wasesiswini uSiyanda Hlangabeza uhlushwa ihlombe kodwa bayaqhubeka nokumdlalisa, ngoba uwusizo eqenjini.

See Also

Mayelana nomdlalo wayizolo uthe: “Iqiniso bekungamele isidle iPolokwane City, yona ibihleleke kahle emumva kodwa okungenani bekumele sithole iphuzu. Kubuhlunguke ukuhlulwa kakhulukazi ekhaya, kodwa kumele sibuyele emumva siyolungisa lapho singenzanga kahle khona”.

Kumdlalo olandelayo woSuthu uzokuba mhla zingama-22 kwephezulu lapho luyobhekana neSiwelele FC kumdlalo oyoba seMoses Mabhida Stadium ngele-15:30.

Scroll To Top