Now Reading
Ngeke ngivume ukulahlekelwa ingane yami (ibhande) – Wendy
Dark Light

Ngeke ngivume ukulahlekelwa ingane yami (ibhande) – Wendy

Umpetha we-SA Middleweight kwabesifazane uWendy Gcado ufuna ubona ezolivikela noma kanjani ibhande (alibiza ngengane yakhe) mese ebhekene noNobengazi Booth.

Le mpi yalezi zintokazi izokuba ngoLwesihlanu eShowe Town Hall, ezimpini eziqhathwe iTap Tap Boxing Academy kaCebiso Makhathini ngokubambisana neMvelo Boxing Promotions kaNomvelo Magcaba-Shezi

Ngesikhathi ekhuluma nelaboHlanga uWendy odabuka eLindelani, ubelokhu ekucacisa ukuthi leli ibhande ulithathisa “okwengane” yakhe. Lokho kusho ukuthi akekho umuntu ongavele adedele ingane yakhe kalula ithathwe omunye umuntu. Kuzobe kungokokuqala uWendy evikela leli bhande.

“Konke kumi ngomumo ekutheni ngikwazi ukuvikela ingane yami (ibhande), uNobengazi ngalokhu engikushoyo angimuthesi kodwa ngifuna azi ukuthi kuzoba negazi nezinyembezi ngoLwesihlanu kusihlwa”.

Kuyiwa kulempi nje sekukhulunywe kakhulu ngayo kwazise lezi zintokazi zake zabhekana phambilini sekungumlando ukuthi uNobengazi uye owanqoba leyompi.

“Ngiyakunqoba ukuthi uNobengazi wangihlula phambilini kodwa konke lokho sekungumlamdo kumina. Ngikhuluma nje ngiwumpetha ayi umpetha nje, kodwa umpetha waseNingizimu Afrika” kusho uWendy oqeqeshwa uSizwe “Bhubesi” Mthembu.

See Also

Le ntokazi ithe akuyethusi ukuthi yagcina ukuba seringini ngoZibandlela nyakenye ekubeni imbangi yayo yona igcine ukulwa ngenyanga edlule. Iqale isibhakela ngonyaka wezi-2016, esigabeni esikhokhelayo isilwe izimpi eziyisithupha inqobe ezine, yehlulwa kweyodwa yadlala ngokulingana kweyodwa.

“Ngiyabonga kakhulu ithimba engisebenza nalo elihlezi linami. Uma ngiqeda ukunqoba ngoLwesihlanu ilo elizothatha isinqumo sokuthi iyiphi impi yami elandelayo. Nginephupho lokuthi ngiphathe ibhande lomhlaba” kubeka uWendy osebenza njengoMeluleki wezezimali ka-Old Mutual.

Scroll To Top