Now Reading
UMNYAMA ONGENAFU: Ababengamasosha basola uhulumeni ngempesheni yabo
Dark Light

UMNYAMA ONGENAFU: Ababengamasosha basola uhulumeni ngempesheni yabo

Bathi sebekhathele ukuvalwa umlomo ngemali yesibonelelo esikhundleni sokunikwa impesheni yabo

Ababengamasosha emibuthweni ehlukene eyayilwela inkululeko ngaphambi kowe-1994 bathi babanjiswa utalagu ngemihlomulo ababethenjiswe yona ngaphansi kwesikhwama sempesheni iMilitary Veterans Pension okuze kube yimanje kusacwebe iziziba ngenkokhelo. Lama sosha akhala ngokuthi abanye ababeyibambe nabo sebaze baficwa ukuthi belinde umnyama ongenafu. Iningi labasadla anhlamvana lithi lingene ngengalo  nesiphanga ezikweletini ngenxa yezaba zoMnyango WezokuVikela Nababengamasosha neGovernment Pensions Administration Agency. Ngokusho koMfelandawonye wababengamasosha i-Amalgamated Veterans of South Africa (AVSA) kunomdonsiswano ngokuthi imihlomulo yabo izocazwa kanjani. 

Oqokwe njengeSikhulumi soMfelandawonye aphinde abe nguMxhumanisi u-Ernest Lintnaar uthi le mpesheni kwakuhloswe ukuthi ikhiphe ababengamasosha ezindlekweni  kodwa sekuyiyo esibonakala njengebuyisela impilo yabo emuva. Uthi labo abanenhlanhla yokuthola lempesheni embuthweni ifika kubo isinconzuliwe kungacaci ukuthi kanjani. “Kokunye abanye bakhala ngokuthi uma bebuza ukuthi kumiphi ngempesheni yabo batshelwa ukuthi kwaduka amafayela, kuphinde kube nezinkulumo ezishayisanayo okugcina ngokuthi zingaphumi izimpendulo eziqondile. Abanye abangayitholi lempesheni bafela ukuthi bake bathola imali yezibonelelo sikahulumeni, okuyinto enqamukayo uma usuthola impesheni yakho”. kuchaza uLintnaar.

Uveze ukuthi abanye ababengamasosha baphoqwa ukuthi benze izicelo zokunqanyulelwa imali yesibonelelo sikahulumeni ekubeni bengakayitholi impesheni yabo okuyinto enobungozi uma kugcina ngokuthi bangayitholi kwanhlobo, bazithole sebelahlekelwa okukhona ngokungekho. “Usole abe Government Pensions Administration Agency  ngokuhluleka ukwenza umsebenzi ngendlela. “Ababengamasosha bakhala ngokuthi mihla namalanga uma befuna ukwazi ngmpeheni yabo babuzwa imininingwane yento eyodwa njengefomu i(Z894, ikhophi kamazisi, nemininingwane yasebhange ekubeni kudala bezihambisa lezinto. Abakwazi nokuthola ukuthi izicelo zabo sezihambe ibanga elingakanani” kucacisa uLintnaar. Ababengamasosha baveza ukuthi abanye babo bahola impesheni kahulumeni nje yingoba kunezinhloso zokuthi bagcine bengayinikwanga imali yabo. 

See Also

Bathi uMthetho iMilitary Veterans Act awukuvumeli ukuthi isibonelelo sikahulumeni sithathe indawo yayo. “Kumele kucace ukuthi imali yesibonelelo sikahulumeni nempesheni yababengamasosha izinto ezimbili ezihlukene. Isibonelelo sikahulumeni sikhishwa ngenxa yokubhekelela isimo somuntu kodwa impesheni yamasosha imali engumgomo lowo owabe eyisosha okumele ayithole futhi igunyaziwe nakumthethosisekelo.” kusho ababengamasosha esitatimendeni.

Scroll To Top