Now Reading
Kungenzeka yini ukuthi uMatamela isimphunyukile inqola emasondosondo
Dark Light

Kungenzeka yini ukuthi uMatamela isimphunyukile inqola emasondosondo

Ngesikhathi amehlo ethe njo emhlanganweni wamazwe angaphansi kweG20 ozobanjwa kuleli, ngaphakathi ku-ANC kungamahele 

Ihlandla lesibili ekuholeni izwe ne-ANC sekujwayelekile ukuthi kube ngelimagade ahlabayo kuloyo osuke esemandleni. Lolu khondolo lweminyaka kuKhongolose lubonakala  lumnyonyobela kancane noMengameli uCyril Ramaphosa owaqokelwa kulesikhundla ngowezi-2018 ethathwa njengomalamulele. Emuva kwehlazo lwemiphumela yokhetho lukazwelonke ngonyaka odlule, ukwethenjwa kukaRamaphosa kwehlile.

Okubonakale kushayelela isipikili nokudale olukhulu uqhekeko kuleli qembu ukubambisana okukhulu neDemocratic Alliance kuhulumeni. ElaboHlanga selingakudalula ukuthi kukhulu ukungenami kwamanye amalungu e-ANC ngalokhu kubambisana njengoba ebona iDA kuyiyo elawula ukusebenza kuhulumeni.

URamaphosa uphinde wazidalela isigcwagcwa kumalungu lapho elibeka ngesihloko elokuthi koMasipala abangaphansi kweDA kuphethwe ngendlela ngakho i-ANC kumele isike iphethini kuleli qembu.

URamaphosa uphinde wahlehlelwa izikhuni ngokungaphumeli obala odabeni lwabokufika abakuleli ngokungemthetho ngesikhathi amanye amaqembu engahlonizi ngokuthi abakuleli ngokungemthetho ababoshwe babuyiselwe emazweni abo.

Ekuvalweni komhlangano Wesigungu Esiphezulu iNational Executive Committee ngempelasonto kucace kuhle kwekati elimhlophe ehlungwini ukuthi uRamaphosa uyazizwa izigi. Unqumele ugwayi katiki amalungu eNEC ukuba amtshele usuku nesikhathi sokuba ashiye esikhundleni kunokuba amkhulume emakhoneni.

Lo mhlangano obuvalelekile uphele kungasekuhle ngoba kucacile ukuthi sekukukhulu ukwehlukana. Ingcindezi enkulu uRamaphosa aphinde aba ngaphansi kwayo ubufakazi obethulwa kuKhomishana kaMadlanga obuveza ukuthi uNgqongqoshe Wamaphoyisa osamisiwe noyisethenjwa sakhe uMnu uSenzo Mchunu wayesebenzisana nemigulukudu yezigelekeqe.

Esitatimendeni esikhishwe iNational Executive Committee emuva komhlangano wangempelasonto sithe bayabethemba ubuholi bukaRamaphosa kuze kube yimanje futhi uzoliqeda lonke ihlandla lakhe lesibili lokuhola i-ANC nokuba nguMengameli wezwe.

See Also

Ezinkundleni zokuxhumana abantu babeke imibono ehlukene iningi liveza ukuthi owayenguMengameli uMnu uThabo Mbeki nguye umvusi wenyamazane ngezinkulumo zakhe zakamuva zokunyundela uRamaphosa.

Muva nje uMbeki lapho ethola khona ithuba ukhuluma ngokuvuselelwa kwe-ANC. Uma uRamaphosa egcina ekhale emnyanga kuyobe kungaqali ngaye njengoba eyokugudluzwa kwabaholi abasuke bebekwe iqembu isiwukhondolo kuKhongolose.

Ngonyaka we-2008 uMbeki wahoxiswa njengoMengameli  emuva kwengqungquthela yasePolokwane eyaqoka uZuma. Okwakuphambili ekuhoxisweni kwakhe kwakungukuthi njengoba esekhishiwe emandleni okuhola iqembu akusezoba lula ukuba athathe izinqumo ezizoba nomthelela kahulumeni. Ekukhishweni kwakhe wasolwa ngokuba nesandla ekusungulweni kweCope waziqhelelanisa ne-ANC.

Kube ngesifanayo kuMnu uJacob Zuma esuswa esikhundleni ngowezi-2018 emuva kwengqungquthela yaseNasrec eyaqoka uCyril Ramaphosa ekuholeni i-ANC. Isikhalo esabe sisikhulu ngoZuma yinkohlakalo ngaphansi kobuholi bakhe. Nakulokhu umlando kubonakala uzoziphinda ngoMatamela. 

Scroll To Top