Ukhwele wadilika kuma-Agent ngokuthi abulala ibhola uMkhize
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UMengameli weSafa eThekwini uMazwi Mkhize ukhala ngama-Agent ngokuthi abulala ibhola ngenhloso yokuba afeze izifiso zawo.
UMkhize obenengxoxo ekhethekile nelaboHlanga uthe ngezikhathi zakudala umdlali wayedlala ngoba kufanele abe senkundleni, kanti manje sekudlala abadlali ngoba kwaziwa ukuthi uphethwe iyiphi i-Agent.
“Ezikhathini zakudala abengekho ama-Agent, ingakho ibhola lalimunandi kangaka izinkundla zazigcwala phama ngoba kwakudlala abadlali abanekhono. Manje sekudlaliswa umdlali ngoba kuthiwa uphethwe i-Agent ethize. Okubi kakhulu ngisho abaqeqeshi nabo sebephethwe ama-Agent, okusho ukuthi lowo mqeqeshi mayephethwe (uMkhize) lokho kuzonginika amandla okuthi ngimtshele adlalise abadlali abaphethwe yimina. Konke lokho kungenxa yesimo somnotho lesi esishintshile” kusho uMkhize.
Eqhuba uthe: “Inqwaba yalama-Agent agcwele ebholeni likanobhutshuzwayo mangaki aseke adlala enkundleni egcwele phama. I-Agent ifike inikeze iqembu umdlali iyazi ukuthi izodla imali ngaye, bese kuphela kanjalo. Inqwaba yamaqembu isayinisa (izimpuphu) zabadlali nje kusukela lapho. Okuyikho okulimaza kakhulu nezikhulu zamaqembu ziyayivumela lento. Ngeke kodwa ukubone kwenzeka lokho eqenjini likaDkt Irvin Khoza, nezinye izikhulu ziyadinga ukuba zimele intoyazo”.
Ubuya waveza ukuthi lapha eNingizimu Afrika kunenqwaba yabadlali bangaphandle koZimbabwe, Ghana nakamanye amazwe abangakwazi nokucima ibhola ngenxa nje yokuthi balethwe ilama Agent aziwayo.
“Uyamangala ubone iqembu lisayinisa umdlali oneminyaka engaphezulu kwengama-30 oqhamuka ngaphandle, bese uyazibuza ukuthi kanti eyani iDDC. Ngenhlanhla ngiyayibuka imidlalo yayo (iDDC) kunabadlali obabonayo ukuthi laba abadlala eqenjini elikhulu bayabahlula kodwa abanikwa ithuba, uzwe kuthiwa usedlala kwiSafa ABC Motsepe League okanye kwi-Motsepe Foundation Championship”.
Ube esenza isibonelo ngoKhulumani Ndamane odlala kwiTS Galaxy nakwiBafana Bafana, ngokuthi kungani iKaizer Chiefs ingamnikezanga ithuba ngoba watshengisa kwi-DDC ukuthi usevuthiwe.
“UNdamane ngambona emidlalweni embalwa ukuthi usengumdlali ovuthiwe. Namanje kunoNaledi Hlongwane kwiChiefs, ngeke ngamangala ngimbona esedlala kwelinye iqembu ngoba ngeke bemnike ithuba lapha eNaturena”.
UGcwabe uncome kakhulu umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos, ukuthi utshengise ukuqina ukhakhayi ngokungayingeni indaba yokubiza abadlali ngoba bekhulunyelwe ama-Agent abo.
“NgoLwesithathu bengihambele umcimbi wokwethulwa ngokusemthethweni kweSiyakhula Cup odlalwa abaneminyaka engaphansi kweli-15, lininigi ikhono elizovela umbuzoke uthi bazophelelaphi labo badlali. Umdlali umgcina ebatshazwa ngapha nangapha aze aphuphe edlala emazingeni aphansi” kusho uMkhize.
ISiyakhula Cup nexhaswe abakaHollywoodbets Foundation na-AmaZulu Community Trust izodlalwa mhla lulunye kuLwezi kuya mhla zimbili kuwona uLwezi eKing’s Park Stadium, eThekwini.

