UMgqithi akakufuni ukubhekana neqembu elilodwa kulandelana
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umqeqeshi weLamontville Golden Arrows uManqoba Mngqithi uveze ukuthi kuyinto angayithandi ukubhekana neqembu elilodwa kulandelana esikhathini esifushane.
Lo mqeqeshi usho lokhu nje ingoba ngeSonto bazobhekana neMarumo Gallants kumdlalo owandulela owamanqamu eCarling Knockout Cup, kumdlalo ozoba seKing Zwelithini Stadium.
La maqembu asanda kutholana phezulu kumdlalo weBetway Premiership, nalapho iLamontville Golden Arrows yanqoba ngamagoli amane eqandeni.
“Ayikho into engiyizonda njengokuthi ngidlale neqembu elilodwa kulandelana, ngoba imiphumela yomdlalo odlule ingahluka kunalo mdlalo esiya kuwona. IGallants iyiqembu elihle kakhulu elinomqeqeshi olazi kakhulu ibhola, ngalokho silindele umdlalo onzima. Kungenzeka ukuthi abenzanga kahle bedlala nathi kumdlalo owedlule kodwa akumele nangengozi sibathathe kancane” kusho uMngqithi.
UMngqithi ubesho lokhu esithangamini sabezindaba ekade sibanjelwe eMoses Mabhida Stadium, izolo emini (ngoLwesine).
IGallants inesikhathi izinzile lapha esifundazweni iKwaZulu-Natal ngoba idlale ne-Arrows, phakathi nesonto yabhekana neDurban City FC kuyona yomubili lemidlalo ikhale ngaphansi.
Kanti nayo i-Arrows iza kulo mdlalo phakathi nesonto ithole isibhaxu kwi-Orlando Pirates koweBetway Premiership.
“Into emqoka njengamanje wukusebenza imiqondo yabadlali bami, siphume kulokhu okwenzeke emdlalweni wePirates. Nginethemba lokuthi sizokwenza kahle kulo mdlalo ngoba inhloso yethu wukuthi sidlulele kowamanqamu” kusho uMngqithi.
Lo mqeqeshi onamava uthe kungamjabulisa ukubona umdlalo wamanqamu udlalwa amaqembu amabili aKwaZulu-Natal, okuyi-Arrows neRichards Bay FC ezobhekana nePirates kumdlalo owandulela owamanqamu kusasa eMoses Mabhida Stadium.
“Kawucabange nje sekubhekene amakilabhu amabili akulesi sifundazwe kowamanqamu. Lokho kungenzeka, yibhola leli kwenzeka noma yini”.
Esonga ubalule ukuthi uyafisa ukubona abalandeli baKwaZulu-Natal beseke amaqembu akulesi sifundazwe, njengoba benza abaseBloemfontein kwiSiwelele FC.
“Kungaba kuhle ukuthi ngelinye ilanga, yize abantu benamakilabhu abawathandayo akwezinye izifundazwe kakhulukazi eGoli kodwa uma edlala nawalapha KwaZulu-Natal bewajikele ngoba uthando luqala ekhaya” kubeka uMngqithi.

