Now Reading
UVilane ufuna bewuvale ngesitayela unyaka ngokunqoba iNdebe yase-Africa
Dark Light

UVilane ufuna bewuvale ngesitayela unyaka ngokunqoba iNdebe yase-Africa

Iyaqala namuhla ikhempu yeqembu lesizwe lebhola lomnqakiswano, kulindeleke iphele ngeSonto lapho kuzobe sekuqokwa isikwati sabadlali abali-12 kwabangama-25 abazomela elakuleli kweye-Africa Championships.

Imidlalo ye-Africa Championships izokuba seMalawi, eLilongwe kusukela mhla ziyi-8 kuya mhla zili-13 kuZibandlela.

Lesikwati salabadlali abangama-25 abaya ekhempini sahlonzwa eHoy Park, eThekwini ngenyanga eyedlule.

ElaboHlanga libe nengxoxo ekhethekile nomqeqeshi welesizwe uJabulani Vilane nothembise ukuthi nakanjani bazosivikela lesicoco abasonqobile nyakenye.

“Siyathembisa ukuthi nakulonyaka sizobuya nayo indodo yeGolide kule midlalo. Siyazi ngeke kwaba lula, kakhulukazi abadlali bethu bengasitholanga isikhathi esiningi sokudlala. Okuhle ukuthi iningi labadlali esinabo bebekhona nakuleminyaka eyedlule” kubeka uVilane.

Nonyaka lo mqeqeshi uqeda iminyaka emithathu eqeqesha iqembu lesizwe njengoba aqala ngonyaka wezi-2022.

See Also

“Kube unyaka onzima lona kuthina ngoba kuba nzima ukuthi sibe nemidlalo ekwazi ukusihlanganisa sifake ulwazi olusha kubadlali. Ngikhuluma nje sigcine ukudlala ngenyanga edlule lapho besikhetha khona isikwati, ngaphandle kwalokho ayikho imiqhudelwano esiyidlalile”.

Lo mqeqeshi uqinisekise ukuthi ngoMasingana wangonyaka ozayo bazozwana amandla namazwe aphesheya nahlonishwayo emhlabeni i-England ne-Australia kwimidlalo yeTest Series.

“Ngonyaka wezi-2022 ngiqokwa njengomqeqeshi sahamba sayodlala eSaint Vincent and the Grenadines eduze kwase Jamaican island lapho sabuya khona neSiliva sihlulwa iJamaica yodwa ngomehluko wamagoli amabili. Ngaleyo midlalo safunda lukhulu, nakulokhu kulemidlalo yeTest Series sizimisele ukufunda lukhulu sishiye nomaka kodwa sifuna ukuqale senze kahle lapha e-Africa ngenyanga ezayo” kusho uVilane.

Scroll To Top