Uthembisa ukuguqula amatafula osephenduke ukudla kwenduku
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.

Uthembisa ukubuyisa isithunzi sakhe uSabelo “Mkhonto” Cebekhulu, njengoba engenzanga kahle ezimpini zakhe ezimbili ezedlule.
Kusasa ngoMgqibelo lomshayisibhakela waseMtubatuba uzovovana inkani noSinenkosi Mlotswa odabuka eZimbambwe kwimpi yeBantamweight, okulindeleke ibe nemizuliswano eyi-8.
Lempi ingezinye yezimpi eziyi-9 eziqhathwe iBoxing 5 Promotions, zizobe zibanjelwe eBox Camp Booysens, eGoli.
UCebekhulu empini yakhe yokugcina eyabe ingoNhlangulana nonyaka wathola induku ebhekene no-Akani Sambu, kanti ngaphambi kwaleyo nangoZibandlela nyakenye wayekhale ngaphansi kuChartlon Malajika.
Uzolwa nebhokisa elisefomini eyisimanga njengoba likwaze ukunqoba zontathu izimpi zalo elizilwile muva nje.
“Imiphumela yami kulezimpi ezimbili edlule ayibanga neze yinhle, lokho sekwenza ngehlelwe nayisithunzi abantu bengithathe kancane. Ingakho ngizimisele ukusibuyisa ngoMlotswa isithunzi. Ngizilungisese kakhulu, sengilinde ukuba singene eringini nje” kusho uCebekhulu oqeqeshwa uSizwe “Bhubesi” Mthembu.
Uthe ngeke efune beyiqede imizuliswano ngoba ezaze ezithole exhopheka bese kubalwa amaphuzu, njengoba kwenzakalile ezimpini ezedlule.
Ezimpini eziyi-9 asezilwile uCebekhulu esibhakeleni esikhokhelayo unqobe eziyi-7 wahlulwa kwezimbili, uMlotswa yena ulwe ezili-11 wanqoba eziyi-8 wahlulwa kwezimbili wadlala ngokulingana kweyodwa.
“Yize ngizobe ngingalwi lapha ekhaya KwaZulu-Natal, kodwa lokho akungithusi neze. Okuhle ngiyolwa nomuntu wangaphandle, nokudala ngibe nokuzithemba okukhulu. Angikhathali noma kuthiwa kunjani kumele ngiyinqobile lempi” kubeka uCebekhulu.
Ubonge uZwilenkosi Magudulela onguphromotha weLudonga Boxing Promotions, ngokuhlezi enza isiqiniseko sokuthi uyazithola izimpi. Uthe kungenzeka aphinde athole enye impi ngaphambi kokuphela konyaka.
Le mpi ingezinye kweyizisikhombisa ezobe ibhulela amazolo izimpi ezimbili zamabhande le-International Junior Bantamweight phakathi kukaSikho Nqothole noHalid Kalama bese kuba ekaSivenathi Nontshinga kanye noJonas Erastus kweye-International Junior Flyweight.
Ezinye izimpi ziqhathwe kanje:
- Flyweight (8 Rounds): Frank Sotamela (EC) vs Trevor Nghonyama (GP).
- Light Heavyweight (6 Rounds): Jason Medi (DRC) vs Azizi Mponda (TAN).
- Lightweight (6 Rounds): Amos Mphanda (GP) vs Oumpie Sebeko (GP).
- Junior Lightweight (4 Rounds): Moses Kalegui (GP) vs Sikhumbuzo Phetela (GP).
- Junior Bantamweight (4 Rounds): Emmanuel Kalegui (GP) vs Blessing Shongwe (MP).
- Junior Featherweight (4 Rounds): Hamza Hassim (GP) vs Silverdor Vanicela (GP –uzobe eqala ukulwa kwisibhakela esikhokhelayo).

