Bashaya amakhala ngokuqokwa kukaCindy Mahlangu kokaMiss South Africa
Inhlangano kaMiss South Africa isimemezele ithimba layo lamajaji lonyaka wezi-2025. Leli thimba lihlanganisa umlingisi uCindy Mahlangu, uDkt. Tamaryn Green-Nxumalo kanye noNdavi Nokeri (abake bahlabana ngalesi sicoco), intatheli uHeidi Giokos, nosomaqhinga wemikhiqizo uThebe Ikalefeng. Lokhu kumenyezelwa kuza ngaphambi komnqamulajuqu wangoMfumfu, 25 eSunBet Arena ePitoli.
Iphaneli ihambisana nohlelo lwe-Empower Youth Africa, olugxile emikhankasweni yabaphumelele ukubhekana nokuntuleka kwemisebenzi kwentsha, imfundo, nokuphila kahle.
Ukuphawula kwabantu ezinkundleni zokuxhumana kushiyene nokho ngokuqokwa kukaMahlangu njengomunye wamajaji. Ukuphawula okukhulu okuthi uqokwe kanjani ukuba ijaji? Abanye nokho bathi yini ehlukile ngokuqokwa kwakhe kwazise nabalingisi abanjengoThando Thabethe nabo bake baqokwa ngaphambili njengamajaji yize noma bengakaze babe ngonobuhle kumbe iziqu ezibenza bafaneleke ukuba amajaji alomncintiswano.
