Usefisa ukudlala eKZN ochithe isikhathi eside kwezinye izifundazwe
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
USibongiseni Mkhize kuze kube imanje kusamphatha kabuhlungu ukuthi yagcina ngokuthi ingamsayini iRichards Bay FC ngasekuqaleni kwesizini.
Waziqeqesha nayo isikhathi esingangenyanga, ngoba nangesikhathi kudlalwa imidlalo yeKZN Premier’s Cup wabe edlubhe imifaniswano yayo iRichards Bay FC.
Lo nozinti waseFolweni ukube wagcina ekwazise ukusayina neNatal Rich Boyz (iRichards Bay FC) kwakuzobe kusho ukufezeka kwephupho lakhe njengoba esefuna ukuzodlala lapha esifundazweni iKwaZulu-Natal. Isikhathi esiningi udlale ngaphandle kwesifundazwe njengoba ngowezi-2008 waya kodlalela inkulisa ye-Orlando Pirates.
“Ngiziqeqeshe isikhathi esingangenyanga neRichards Bay FC, nami ngasenginayo inhlansi yethemba yokuthi ngizosayina ngoba konke kwabe kuhamba kahle. Isinqumo sabe sesithi ngeke bekwazi ukungisayinisa ngenxa yesibalo sonozinti abanabo. Emva kwesinqumo ngeke ngaqamba amanga kwangiphatha kabi, ngoba besengichithe isikhathi eside nabo. Kodwa lokho akungibulalanga kwangikhuthaza ukuthi ngisebenze kanzima. Ngibonga kakhulu ngethuba ababe benginikeze lona” kusho uMkhize.
Konozinti abezobanga nabo ukube ebelithola ithuba bekuSalim Magoola, u-Ian Otieno noSiphesihle Mtshali.
UMkhize emva kokuchithwa ileli qembu likaSifiso “Jomo” Biyela ube esebuyela eqenjini abedlala kulo ngesizini edlule iLa Masia yaseGauteng edlala kwiSafa GP ABC Motsepe League.
Uyiqale kahle kakhulu isizini njengoba emidlalweni eyi-9 engangenelwaga igoli kweyisithupha.
ILa Masia kulogi ihlezi endaweni yesine ngamaphuzu ali-18 emva kwemidlalo eyi-9, kulindeleke ukuthi ibuyele enkundleni namuhla lapho izobhekana neFree Agents Football Club EBosmont Soccer Stadium, ngele-16:00.
“Siwubheke ngabomvu lo mdlalo okuhle ukuthi sidlala ekhaya lokho kuzosilekelela kakhulu. Sizimisele ukulwa kusukela ngomzuzu wokuqala kuze kube umzuzu wokugcina. Asiqalanga kahle kodwa kubukeka izinto sezishintshile manje, okuyinto leyo esinika ithemba lokuthi singaba ompetha beligi makuphela isizini” kusho uMkhize.
Amanye amaqembu avimbe kuwo uMkhize iNew age Development,iSupersport United, iFC Cape Town, iRoyal AM, uMthatha Bucks, i-Orbit College, iWits University, iSinenkani FC neG Millionaires.
Esonga uthe ufisa ukuthola ithuba lokudlala kwiBetway Premiership.

