Ukukhula kwezitolo zasemalokishini ezaziwa ngama-spaza kuzo zonke izigodi nasemalokishini sekuqala ukuqashelwa abakhiqizi abakhulu bezimpahla ezithengwayo. Le makethe engakahleleki isize imikhiqizo eminingi ebingaziwa phambilini ukuthi ithole isabelo semakethe emalokishini.
Amalungu omphakathi e-Atok ngaphandle kwaseBurgersfort eLimpopo asole inkampani yezimayini iSamancor ngokungabanxephezeli ngokumba emasimini abo namagceke.
UMnyango WezamaBhizinisi Kahulumeni ukwamukele ukugunyaza kwe-Competition Tribunal ekuthengeni okuhlongozwayo kweTakatso Consortium kwesabelo esingama-51% kwi-South African…...
Lishone elayizolo sebethe ukuphefumula abantu baseNingizimu Afrika abakhokhela amabhondi nezinye izindleko zemali abazikweleta amabhange njengoba iKomidi leSouth African Reserve Bank Monetary Policy limemezele ukuthi angeke inyuke inzalo yemali mboleko.
INingizimu Afrika isiphinde yaqinisekisa ukuzibophezela kwayo ukusebenzisana nohulumeni waseDemocratic Republic of Congo ukukhuthaza ubudlelwano bamazwe amabili kanye nokusiza iKinshasa ukuthi yakhe umbuso oqinile.
Lo mbiko ukhombisa ukuthi izikhundla zokuphatha eziphezulu zisagcwele abamhlophe lapho bami ngama-62%, kulandele aboHlanga ngo-16% nakuba aboHlanga benesibalo esiphezulu seziqu zobungcweti ngama-48% uma kuqhathaniswa nabamhlophe anama-30%.
Inhlangano ebizwa ngokuthi iNational Liquor Traders (NLT) ithi izinhlelo eziqinile zokuqapha ziyadingeka ngokushesha ukuze kunqandwe ukudayiswa kotshwala obungekho emthethweni.
UNgqongqoshe kagesi uDkt uKgosientsho Ramokgopa uthi umnyango wakhe usunenqubekela phambili ekwehliseni ukunqanyulwa kukagesi. Unikeze isibuyekezo sakamuva mayelana nenkinga yamandla ezweni.
I-Economic Freedom Fighters (EFF) eGauteng inxusa ukuthi kusungulwe uhlaka oluzimele oluzoqapha uhlelo lwemisebenzi yaseGauteng.
UNgqongqoshe wezeziMbiwa naMandla uGwede Mantashe uthi ukucisha kukagesi kanye nokwehluleka kohlelo lwenethiwekhi yakwaTransnet kube nomthelela ekwehliseni izinga lokuheha ukutshalwa kwezimali kwezwe.
UNgqongqoshe wezokuXhumana kwamaZwe ngamaZwe eNingizimu Afrika, uNaledi Pandor, uthe bajabule ngenqubekelaphambili esenziwe yiDevelopment Bank, elalaziwa…...
Inhlangano iTransnational Alliance to Combat Illicit Trade (Tracit) ithi umnotho waseNingizimu Afrika wopha izigidigidi zamarandi minyaka yonke ngenxa yezenzo ezingekho emthethweni ezingalawuleki.
Abanye ongoti bezamandla bathi uNgqongqoshe Wagesi, uKgosientsho Ramokgopa, kufanele ahlulelwe ngekhono lakhe lokudambisa inkinga kagesi ezweni hhayi ngamazwi kuphela.
UNgqongqoshe wezabasebenzi nokuQashwa, uMnu uThulas Nxesi, uthe uhulumeni usezivulile izingxoxo mayelana nomthetho ochitshiyelwe we-Employment Equity. UNxesi uchaze ukugxekwa kwalesi sichibiyelo njengesenzo sosomathuba, inhlese yepolitiki nokwesaba.
USihlalo weKwaZulu-Natal Bee Farmers’ Association, uRoland Moore, uthe abafuyi bezinyosi baseNingizimu Afrika bathwele kanzima ukuze bahlangabezane nesidingo soju ezweni.
ICosatu ePhalamende ithe iyasemukela isinqumo seKhomishana Yezokuncintisana sokugunyaza okwesikhashana ukuhlanganiswa okuhlosiwe phakathi kweSouth African Airways (SAA) neTakatso Consortium.
Inhlangano ejutshwe ukuvuselela amakhono ababengabasebenzi basezimayini, abantu abavela ezindaweni ezivukuzayo nabathumela abasebenzi, yethule i-Agri-Hub eMarikana ngaseRustenburg eNorth West, ngokubambisana neSibanye Stillwater, esebenzela kule ndawo.
Isivumelwano sokuthatha kweTakatso iSouth African Airways (SAA) sekuthole isigxivizo yiKhomishana Yezokuncintisana, njengoba kusalindwe izinguquko ezithile, okuhlanganisa nokuphuma kweLift kulo mfelandawonye.
Njengoba kuqala inkathi yezingxoxo zamaholo, izinyunyana zabasebenzi zicela izinkampani ukuba zigweme ukusebenzisa umnotho ontengantengayo njengezaba zokwenyusa amaholo abasebenzi ngaphansi kokwehla kwamandla emali.
UMsombuluko IRandi livuleke lintekenteke kakhulu ngo-R18.39/US$, uma liqhathaniswa nezinga lokuvulwa kwangoLwesine olwedlule lika-18.22. IRandi livuleke…...
INational Union of Metalworkers of South Africa (NUMSA) isayine isivumelwano samaholo ne-ArcelorMittal South Africa (AMSA). Lesi sivumelwano ngeseminyaka emithathu, kusukela mhla lu-1 kuMbasa kuya kuNdasa zingama31 kowezi-2026.
UNgqongqoshe kagesi uMnu uKgosientsho Ramokgopa, uthi izinhlelo zokuqeda ukucinywa kukagesi sezikhona futhi kufanele bathole indlela engcono yokuzisebenzisa.
UNobhala-jikelele weSouth African Federation of Trade Unions (Saftu) uMnu uZwelinzima Vavi usenxuse uhulumeni ukuthi andise izikhungo zikahulumeni ngokuqasha izisebenzi zikahulumeni eziningi.
Inhlangano elwela amalungelo abantu abasha, iSouth African Youth Economic Council (SAYEC), ithi intsha yaseNingizimu Afrika kumele ibambe iqhaza ekwakhiweni kwemigomo ezosiza ekuvuseleleni umnotho wezwe.