Now Reading
Isinyathelo esingabuyisa udumo lwakudala leSAA
Dark Light

Isinyathelo esingabuyisa udumo lwakudala leSAA

UMnyango WezamaBhizinisi Kahulumeni ukwamukele ukugunyaza kwe-Competition Tribunal ekuthengeni okuhlongozwayo kweTakatso Consortium kwesabelo esingama-51% kwi-South African Airways (SAA).

Ukugunyazwa kuvula indlela yokuthi i-consortium ibambe iqhaza ekusebenzeni kwe-SAA futhi ifake imali kule nkampani yezindiza esibonwa ngokusa. Esitatimendeni esikhishwe izolo ebusuku, uMnyango uncome lesi sinqumo njengesinyathelo esibalulekile emizamweni kahulumeni yokuqinisekisa ukuvela kabusha kwe-SAA njengengcebo esemqoka yamasu.

Omunye umbandela ukuthi abanikazi bamasheya ambalwa okuyiTakatso, Global Aviation kanye ne-Syranix ephethe inkampani yezindiza i-LIFT, eqhudelana ngqo ne-SAA, bahlukane nenkampani.

Okhulumela iKhomishana Yezokuncintisana, uSiyabulela Makunga uthe, “Ikhomishana isibonile isinqumo seCompetition Tribunal sokugunyaza ukuhlangana kweSouth African Airways neTakatso kuncike ekufezeni imibandela iKhomishana eyayihlongoze yona kwi-Tribunal. Sigculisekile futhi ukuthi ukuhlukaniswa kwezabelo ezincane neTakatso kuzolungiswa. Izikhalo zeKhomishana Yezokuncintisana ezavezwa lapho ihlola lokhu kuhlanganiswa futhi siyethemba ukuthi lokhu kuzozuzisa kakhulu umthengi waseNingizimu Afrika. Siphinde sanelisekile ukuthi ngalesi sinqumo bonke abasebenzi beSouth African Airways bazovikeleka ekudilizweni ngenxa yokuhlangana.”

I-Takatso Aviation ithi isivumelwano sayo sokuthola isabelo sokulawula enkampanini yezindiza kazwelonke izoletha ukuncintisana okudingeka kakhulu embonini yendawo yezindiza. I-Takatso ithe izinkampani zezindiza eziningi kule mboni zizonyusa ukuncintisana futhi kusize ekwehliseni izindleko eziphezulu zokuhamba ngendiza. Umfelandawonye ukholwa wukuthi ukusebenzisana kwayo ne-SAA kuzosiza inkampani yezindiza ikhule.

See Also

Okhulumela iTakatso Aviation uThulasizwe Simelane uthe, “Ukugunyazwa kweCompetition Tribunal mayelana nokuthengiselana kuqinisekisa inkolelo yethu yokuthi imboni yezindiza kuleli ingakwazi ukusingatha izihlalo eziningi kanye nokuncintisana kwamanani kanye nezinsiza ezihambisanayo ikakhulukazi ngenxa yokungafani okukhona phakathi kwesidingo kanye nokuhlinzekwa kwezindiza okukhona. kudalwe ukwehliswa kakhulu kwezinga lokusebenza kwe-SAA eminyakeni yamuva kanye nokufa nokuyekiswa ukusebenza kwezinye izinkampani zezindiza eziningi.”

UMnyango wamaBhizinisi kaHulumeni uthe ukufakwa kweTakatso imali ebalelwa ezigidigidini ezi-R3 (billion) kuzosiza iSAA ekwandiseni imizila namabhanoyi  ayo. I-Tribunal ithe izohlinzeka ngemininingwane yezizathu zayo ngesinqumo ngokuhamba kwesikhathi.

Scroll To Top