Umnotho usengcupheni ngenxa yenkohlakalo: uDkt Giudici



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Inhlangano iTransnational Alliance to Combat Illicit Trade (Tracit) ithi umnotho waseNingizimu Afrika wopha izigidigidi zamarandi minyaka yonke ngenxa yezenzo ezingekho emthethweni ezingalawuleki.
Umbiko owethulwe yilenhlangano utshengisa izenzo ezingekho emthethweni okuphathelane nomnotho wezwe okubala utshwala, imithi, ukudoba kanye nokuthengisa ugwayi. Lokhu kuhambisana nezisho zeWorld Economic Forum zokuthi ukuhwebelana ngokungemthetho kubeka engcupheni enkulu umnothowaseNingizimu Afrika.
Umeluleki Omkhulu Wenqubomgomo weTracit, uDkt Esteban Giudici uthe, “Umnotho waseNingizimu Afrika wopha ngokwengxenye ngenxa yalokhu. Ukuhweba okungekho emthethweni kudala imakethe efanayo, enemithelela emikhulu nehluke ngempela – imiphumela engemihle.”
“Lokhu sikukhombisile ocwaningweni esilwenzile, lapho sikhombisa ukuthi ukuhwebelana okungekho emthethweni kubukela phansi kanjani zonke izinhloso zeNhlangano Yezizwe Ezihlangene. Kuyaphawuleka ukuthi lezo ziwubulungiswa, ngoba yinkinga engagcini nje ngokulahlekelwa yizimali – okuyinto ebaluleke kakhulu, kodwa futhi imayelana nokubukela phansi izikhungo ezibalulekile ukusiza ukuphatha umthetho ezweni,” kwengeza uGiudici.