Now Reading
Kwehle amaphaphu inganyuki inzalo yemalimboleko
Dark Light

Kwehle amaphaphu inganyuki inzalo yemalimboleko

Lishone elayizolo sebethe ukuphefumula abantu baseNingizimu Afrika abakhokhela amabhondi nezinye izindleko zemali abazikweleta amabhange njengoba iKomidi leSouth African Reserve Bank Monetary Policy limemezele ukuthi angeke inyuke inzalo yemali mboleko. Bese kuphele amasonto kubanjwe umoya ngesimemezelo sayizolo ebesingasho omunye umqansa kubantu bakuleli. 

Lokhu kusho ukuthi i-repo rate isamile ku-8.25 wamaphesenti nenzalo yemali mboleko imi ku-11.5%. Kusuka ngoNcwaba wezi-2021 inzalo yemalimboleko ibide ikhula, okuyisimo ebesithweswa umthwalo abakhokhibentela ngoba ziningi izinto ebezigcina ngokunyuka. Ngokusho kukaMnu uLesetja Kganyago, lokhu akuchazi ukuthi isimo sizohlala sinje kodwa ukuphefumula nje kwesikhashana. Uthe okwenze kwafinyelelwa kulesi sinqumo yingoba kubhekwe kakhulu ukwehla nokwenyuka komnotho. 

Njengoba amalungu ekomidi evota ngesinqumo sokwenyusa noma ukugcinwa kwenzalo yemalimboleko, izolo okwayizolo bekunzima kakhulu njengoba amalungu amabili abevotela ukuthi inzalo yemalimboleko inyuswe, kodwa amathathu ashaya phansi ngonyawo. Lesi sinqumo sithokozelwe kakhulu ezweni.

Scroll To Top