Now Reading
Imayini iyazihlangula ekukweleteni umphakathi
Dark Light

Imayini iyazihlangula ekukweleteni umphakathi

Amalungu omphakathi e-Atok ngaphandle kwaseBurgersfort eLimpopo asole inkampani yezimayini iSamancor ngokungabanxephezeli ngokumba emasimini abo namagceke.

Bathi banesivumelwano nenkampani yezimayini ngoMbasa nyakenye sokuthi umnikazi wendawo ngamunye athole izi-R5 000 ngenyanga njengesinxephezelo sokumba i-chrome endaweni yabo. ISamancor, nokho, ikuphikisile ukuba khona kwalesosivumelwano. Bathi nakuba inkampani isaqhubeka nokukhipha i-chrome emhlabeni wabo, iningi labo alikayitholi inkokhelo. Abanye bakhokhelwa isikhathi esingaphansi kwezinyanga ezinhlanu kuphela.

La malungu athi manje aselahlekelwe yimpilo. “Basithembisa ukuthi bazosikhokhela izi-R5 000 ngenyanga uma bemba emapulazini ethu kodwa asikaze sithole lutho. Okumangazayo wukuthi bafaka ucingo epulazini lethu ngaphambi kokuthi baqale ukumba imayini. Ngokuhamba kwesikhathi balususa bengasitshelanga lutho kanti manje sebefake ucingo olusha oluzoqhubeka nokumbiwa. Sinenkinga nabakwaSamancor ngoba balethe inkampani yabo emapulazini nasezitendini zethu, kodwa manje bayehluleka ukufeza izithembiso zabo zokusikhokhela. Baqhubekile nokumba izimayini bengasikhokhelanga manje abasasho lutho.”

Omunye wabahlali uveze ukuthi uthole imali okuvunyelwene ngayo izikhathi ezimbalwa. “Laba bantu bathatha amapulazi ethu ngonyaka odlule basithembisa ukuthi bazosikhokhela nyanga zonke. Basikhokhela izinyanga ezimbalwa base beyeka ukukhokha ezinye izinyanga. Abanye abantu abakhokhelwanga nhlobo.”

See Also

Empendulweni ebhaliwe, umkhulumeli weSamancor uSunel Pretorius uyakuphika ukuba khona kwesivumelwano esinjalo nomphakathi wakwa-Atok. UPretorius uthi inkampani isiluphenyile lolu daba yathola ukuthi ayihlangene nalolu hlelo futhi ayiwukweleta lo mphakathi.

Scroll To Top