Now Reading
UMengameli usanuka santungwana ngokusebenzisana kongqongqoshe
Dark Light

UMengameli usanuka santungwana ngokusebenzisana kongqongqoshe

Abanye ongoti bezamandla bathi uNgqongqoshe Wagesi, uKgosientsho Ramokgopa, kufanele ahlulelwe ngekhono lakhe lokudambisa inkinga kagesi ezweni hhayi ngamazwi kuphela.

NgoLwesihlanu uMengameli uCyril Ramaphosa umemezele ukuthi usesayine isimemezelo esidlulisa yonke imisebenzi namandla ezigaba ezithile zoMthetho Wokulawulwa Kogesi sisuka kuNgqongqoshe Wezamandla uGwede Mantashe sayiswa kuRamokgopa.

Ungoti wezamandla, uChris Yelland, uthe: “Nginovalo lokuthi abafani bonke futhi badonsa ngezindlela ezihlukene futhi lokho kuyinkinga ngoba uma udonsa ezindaweni ezahlukene isikhungo endaweni eyodwa singanyakazi. Ngakho-ke, ingabe uzokwenza umehluko omuhle, isikhathi esizokuphendula lokho, asazi okwamanje. Akanayo ibhajethi, akanalo ihhovisi, akabatholi abasebenzi, kodwa asethembe ukuthi bazofika ngesikhathi esifanele futhi sihlulele umuntu ngokusebenza kwakhe hhayi ngamazwi. Kumele sibheke izenzo, sibheke nemiphumela.”

UMengameli we-African National Congress (ANC), uMnu uCyril Ramaphosa, usephinde wagcizelela ukuthi ongqongqoshe owakagesi uKgosientsho Ramokgopa, owezamandla uGwede Mantashe kanye noPravin Gordhan wezamaBhizinisi kaHulumeni, akukho okunye abangakwenza ngaphandle kokuthi babambisane ukubhekana nezinkinga zikagesi ezweni.

See Also

URamaphosa ukusho lokhu eceleni komhlangano namagatsha e-ANC eMahikeng, njengoba iNational Working Committee (NWC) yehlele esifundazweni izoxoxisana nezinhlaka zenhlangano ihlole isimo sokulethwa kwezidingo kubantu.

URamaphosa uthe ongqongqoshe bezaMandla, ugesi kanye nezamaBhizinisi kaHulumeni kumele basebenzisane ukuze kuzuzwe inhloso enkulu yokusimamisa ugesi. “Ungqongqoshe wezokumbiwa phansi, iMithombo Yamandla uzoqhubeka nezindaba zenqubomgomo kanye nezindaba zokulawula kanye nezinqubo zokuthengwa kwamandla avuselelekayo maqondana nalelo hhovisi lokuthenga. UNgqongqoshe uRamokgopa uzogxila kakhulu ekuthengeni ugesi kanye nokuqinisekisa ukuthi kukhona ukukhiqizwa kukagesi.”

Scroll To Top