Now Reading
Sekungumlando ukuthi iTakatso isingabanikazi  abaphelele beSAA
Dark Light

Sekungumlando ukuthi iTakatso isingabanikazi  abaphelele beSAA

Isivumelwano sokuthatha kweTakatso iSouth African Airways (SAA) sekuthole isigxivizo yiKhomishana Yezokuncintisana, njengoba kusalindwe izinguquko ezithile, okuhlanganisa nokuphuma kweLift kulo mfelandawonye.

Okhulumela iTakatso uThulasizwe Simelane uthi, izincomo zeKhomishana Yezokuncintisana eNingizimu Afrika ziyigxathu elikhulu eliya phambili ekutholeni imvume yokuncintisana ngokugcwele ekuqinisekiseni ukuthi i-SAA ihlala ikwazi ukuncintisana emakethe.

 Wengeza ngokuthi isidingo esikhulu kanye nokuthengiselana okuphansi kwempahla akwanele ukusekela ukukhula nokusebenza kwendiza kanye nempumelelo emnothweni waseNingizimu Afrika.

Kodwa-ke, umsunguli uGidon Novick wenkampani entsha yezindiza engabizi kakhulu eNingizimu Afrika – iLift, uthe ukukhathazeka kwabo ukuthi abawadayisi amasheya abo amancane enkampanini yezindiza futhi inkampani yabo kufanele iphume ngenxa yolwazi olubucayi kwezohwebo akulungile, njengoba bebengaqhubeka babambe iqhaza ngaphandle kokufinyelela olwazini.

USimelane uchaze wathi, “Umbono wethu ukuthi siyaziqaphela izincomo zeCompetition Commission ukuthi abanikazi bamasheya amancane kumele bahluke. Kuleli qophelo sike saba nombono ngandlela thize wokuthi imithelela iyini endleleni lokhu okwenziwa ngayo. Ngoba kuze kube manje, besingenaso isincomo esivela kuKhomishana esingaxoxa ngaso. Manje sikubheke ngabomvu lokho nabanikazi bamasheya bethu abambalwa.”

See Also

Lesi sivumelwano sike saba ngundabuzekwayo, kusukela emalini okwathengwa ngayo iSAA, ubude obuthathe ukuze kuphothulwe isivumelwano kanye nemali edingekayo ekusebenzeni kwendiza, phakathi kwezinye izinto ezikhathazayo.

Unezele wathi uMagujwa, “Imali eyizigidigidi ezi-3  yokusebenza, yeTakatso Capital izongena kwaSAA… Umsebenzi uyaqhubeka njengoba sikhuluma nje. Zonke izimvume zokuphatha ebezidingwa uTakatso sezifinyelelwe. Sizwa abantu bezwakalisa lokho kukhathazeka, asifiki lapho bevela khona. Mhlawumbe kungabangelwa ukucabanga ukuthi kufanele sihlezi nenqwaba yemali. Ayisiyo indlela izinto ezisebenza ngayo,” kusho uSimelane.

Scroll To Top