UPandor ubona kukuningi okuhle okwenziwa ibhange



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNgqongqoshe wezokuXhumana kwamaZwe ngamaZwe eNingizimu Afrika, uNaledi Pandor, uthe bajabule ngenqubekelaphambili esenziwe yiDevelopment Bank, elalaziwa ngeleBRICS Bank phambilini. Inhloso yaleli bhange ukuhlanganisa izinsiza zengqalasizinda kanye namaphrojekthi entuthuko esimeme ezimakethe ezisafufusa nasemazweni asathuthuka.
UPandor ubekhuluma nabezindaba ngemuva komhlangano wezinsuku ezimbili wongqongqoshe bezangaphandle kanye nobudlelwano bamazwe eBRICS eKapa.
Lo mhlangano ubungowokulungiselela ingqungquthela yezinhloko zombuso ngoNcwaba, eGoli. UPandor uthi leli bhange likhule kakhulu kule minyaka embalwa edlule. “Sijabule kakhulu ngokuthi igcine izinga layo lezezimali elihle kakhulu, nayo indima, njengoba bekuyisifiso, ukuhlinzeka ngosekelo lwezinhlelo zentuthuko emazweni [ethu] kodwa namazwe angamalungu. sinethemba lokuthuthukisa izinhlobo ezahlukene zezikhungo zezezimali ezizozimisela ngempela ukubhekana nezindaba zokuthuthukiswa kwenhlalo-mnotho.”