Abatapa uju lwezinyosi benza kube lukhuni satshe kubafuyi



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
USihlalo weKwaZulu-Natal Bee Farmers’ Association, uRoland Moore, uthe abafuyi bezinyosi baseNingizimu Afrika bathwele kanzima ukuze bahlangabezane nesidingo soju ezweni.
Nokho, ucwaningo lwe-International Union for Nature Conservation lubonisa ukuthi izinsongo ezinambuzaneni ezinjengezinyosi ziye zanda cishe ngezingxenye ezimbili kwezintathu kule minyaka emihlanu edlule ngenxa yokusetshenziswa kwezibulala-zinambuzane nokulahlekelwa indawo yokuhlala.
Ucwaningo lweNhlangano Yezizwe, nokho, luphawule ukuthi emlonyeni owodwa kwemithathu yokudla okudliwa abantu kuncike ezinambuzaneni ezimpova njengezinyosi.
UMoore uthe, “Ukuthuthwa kwempova sekuphenduke ibhizinisi elikhulu futhi liyakhula. Ogwini lwaseKZN kunezinkulungwane zezihlahla zamantongomane amamacadamia ezitshalwayo futhi kube nezilinganiso zokuthi kudingeka izidleke zezinyosi ezingu-100 000 ukuze kuthululwe impova kulawo masimu. Ngakho-ke, kunezinhlobo eziningi zezitshalo ezisondelwa izinyosi. Isizathu saso (isihlahla) wukukhula isithelo esiphelele. Kuphinde kwenyuse isivuno somlimi,” engeza.
Umfuyi wezinyosi, uDieter Meyer uthi izinselelo ezinkulu ababhekene nazo ngezokuba abantu abagqekeza izidleke zezinyosi bentshontshe uju bese beludayisa, kanye nezilwane ezifana namabheji ezitika ngoju.
UMeyer uthi, “Kubiza abalimi bezinyosi imali eningi ukuvikela izidleke. Luningi ucwaningo lwezobuchwepheshe. Njengamanje simatasa sihlola ubuchwepheshe eKZN ukusiza ukuvikela izidleke. Kunezidleke zikakhonkolo, ngike ngezwa ngomuntu owenza izidleke zepulasitiki. Kodwa ubuchwepheshe bukhula ngokushesha nangesivinini emhlabeni, kangangokuthi ubuchwepheshe yilapho kugxilwa khona kakhulu mayelana nezidleke zezinyosi.”