Now Reading
Abayi nganxanye bengemanzi ngesivumelwano seSAA neTakatso
Dark Light

Abayi nganxanye bengemanzi ngesivumelwano seSAA neTakatso

ICosatu ePhalamende ithe iyasemukela isinqumo seKhomishana Yezokuncintisana sokugunyaza okwesikhashana ukuhlanganiswa okuhlosiwe phakathi kweSouth African Airways (SAA) neTakatso Consortium.

Lesi sivumelwano, esamenyezelwa ngowezi-2021 nguNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni, uPravin Gordhan, saveza ukuthi iTakatso izoba namasheya amakhulu ngokuthenga ama-51% eSAA.

Khonamanjalo, iNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa) ithe isicele iPhalamende ukuthi lingenelele ekugunyazweni kwesivumelwano phakathi kweSouth African Airways neTakatso Consortium. Lokhu kuphendulwa ekugunyazweni kwesikhashana kweKhomishana Yezokuncintisana.

Okhulumela iNUMSA kuzwelonke, uPhakamile Hlubi-Majola uthe isivumelwano sigubuzelwe izimfihlo. “Inyunyana kazwelonke yabasebenzi bensimbi yaseNingizimu Afrika isibhalele ikomiti lePhalamende elibhekelele amabhizinisi kahulumeni icela izethameli ngoba sibona sengathi isivumelwano seSAA noTakatso sinzima kakhulu.

Eqinisweni, ngokubona kwethu ukuthi isivumelwano sikhohlakele futhi siphakamise izingqinamba ezahlukahlukene zokuthi kungani sicabanga ukuthi lesi sivumelwano sinenkohlakalo. Okokuqala nokubalulekile ungqongqoshe wezamabhizinisi kahulumeni, uPravin Gordhan nguyena ngqo osungule lesi sivumelwano. Ukhethe iTakatso Consortium njengomlingani olungile.”

Lesi siphakamiso sekhomishana siza ngemuva kophenyo mayelana nokuba semthethweni kwesivumelwano.

See Also

Umxhumanisi weCosatu ePhalamende, uMatthew Parks uthi lesi yisinyathelo esinesikhathi eside sidingeka, ikakhulukazi kubasebenzi abalahlekelwe wumsebenzi kwaSAA.

“Siyakwazi okutholwe yiCompetition Commission okumele ihlonishwe nokunye njengengxenye yokuqinisekisa ukuthi akukho ukushayisana kwemibono kulo mqhudelwano ngaso sonke isikhathi kulo mkhakha. Ngicabanga ukuthi kwiCosatu into ebaluleke kakhulu ukuthi sivuselele iSAA. Sivuselela imisebenzi yalabo basebenzi, leyo misebenzi edalwe emgqeni. Lokho kubekwe eqhulwini kubasebenzi abaphelelwe wumsebenzi kwaSAA futhi bakhethwa kuqala uma beqashwa. Sithemba ukubona ukuthi abagcini ngokuvuselela iSAA njengenkampani yezindiza kuphela kodwa nezinkampani ezingaphansi kwayo ezinobuchwepheshe beSAA ezidlala indima ebaluleke kakhulu ezinsizakalweni eziphathelene nezindiza zezindiza eNingizimu Afrika yonkana.”

Scroll To Top