Abotshwala bathi umphakathi yiwo okumele weluse abamathaveni ngemithetho



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Inhlangano ebizwa ngokuthi iNational Liquor Traders (NLT) ithi izinhlelo eziqinile zokuqapha ziyadingeka ngokushesha ukuze kunqandwe ukudayiswa kotshwala obungekho emthethweni.
Ngomsombuluko kulelisonto bekukhomba ukuphela konyaka selokhu kwashona abantu abasha abangama-21 endaweni yokucima ukoma Enyobeni eScenery Park e-East London.
Imindeni yabashonile, amalungu omphakathi nabaholi bamabandla babuthane ehholo lomphakathi ukukhumbula izingane ezashona.
Umgqugquzeli weNational Liquor Traders, uLuck Mtimande, uthe umphakathi kumele wenze okuningi ukuqinisekisa ukuthi izindawo ezidayisa utshwala ziyayilandela imibandela yamalayisensi.
“INational Liquor Traders icela amaphoyisa, iziphathimandla, imiphakathi kanye nemboni yotshwala ukuthi basebenzisane kakhulu ukuze kuhlonzwe futhi kubhekwane nabasebenzisa inkohlakalo. Uhlelo lwethu lwabaqaphi bomphakathi kanye nezinhlelo zemboni sezivele zisebenzisana nemiphakathi kanye neziphathimandla ukuhlonza nokubika ukungahambisani nomthetho, ukufundisa amathaveni ngezindlela zokuhweba ezinomthwalo wemfanelo kanye nokugqugquzela ukuziphatha okufanele. Kudingeka senze omningi umsebenzi walolu hlobo ezweni lonke ikakhulukazi ezindaweni ezigqamile,” kusho uMtimande.
Imindeni yabashone eNyobeni abangama-21 ithi abanikazi bezindawo zokucima ukoma i-Enyobeni Tavern, u-Siyakhangela noVuyokazi Ndevu akumele bavunyelwe ukwenza noma yiluphi uhlobo lwebhizinisi kulesakhiwo sabo. Bacele iziphathimandla zase-Eastern Cape ukuba zimise ukusebenza, kulandela izinsolo zokuthi i-Enyobeni yayidayisa ngomhla zili-16 kuNhlangulana kophezulu, kepha inelayisensi yokuhweba emisiwe.