Now Reading
Kusakhala isicathulo sabamhlophe ezikhundleni zokuphatha: Umbiko
Dark Light

Kusakhala isicathulo sabamhlophe ezikhundleni zokuphatha: Umbiko

Umbiko weCommission for Employment Equity Report uyaqhubeka nokukhombisa ukuhamba kancane kwezinguquko ezindaweni zokusebenza ezweni.

Lo mbiko ukhombisa ukuthi izikhundla zokuphatha eziphezulu zisagcwele abamhlophe lapho bami ngama-62%, kulandele aboHlanga  ngo-16% nakuba aboHlanga benesibalo esiphezulu seziqu zobungcweti ngama-48% uma kuqhathaniswa nabamhlophe anama-30%.

USihlalo weCommission for Employment Equity, uTabea Kabinde, ekhuluma nabezindaba ngesikhathi kwethulwa lo mbiko eGoli uthe.

“Izinjongo zomkhakha wethu ziphinde ziveze izikhala zabantu abakhubazekile, amaKhaladi kanye namaNdiya. Ngakho, kuyasikhungathekisa futhi kusenza sithukuthele. Sinovalo lokuthi uma singakwazi ukweqa lesi sibhicongo, ngeke kube khona ushintsho futhi isimo sizoqhubeke njengoba sinje, futhi nginganitshela manje abantu abaningi baphelelwa isineke. Sinamahloni ukuthi ngemuva kwesikhathi eside kangaka, sisanenkinga yokungalingani, futhi akukho ukuhlanganiswa (inclusivity) nayilapho ukulingana kubonakala kuyiphupho elikude,” kuchaza uKabinde.

“Sidumele futhi sithukuthele ngenxa yokungabi nabulungiswa okukhona njengoba kuboniswa ukuhamba kancane okubuhlungu kwezinguquko emsebenzini. Nginamahloni ngokuthi ngemva kweminyaka eminingi kangaka yokuletha ubulungiswa bezenhlalakahle, sisekude nokufinyelela imigomo yethu yokulingana emsebenzini.”

Ungqongqoshe wezabaSebenzi nokuQashwa, uThulas Nxesi, uphendule abagxeki bomthetho omusha wokuchibiyela i-Employment Equity Amendment Act ebabiza ngabanonya futhi bafuna ukutshala uqhekeko phakathi kwezinhlanga. Umthetho wethula amanani okuhloswe ngawo ukuze kuqinisekiswe ukumelwa ngokulinganayo kwabantu abaqeqeshwe ngokufanele abavela ezinhlangeni ezazincishwe amathuba phambilini okusekelwe kuhlanga, ubulili, nokukhubazeka emsebenzini.

See Also

Lomthetho wokuchibiyela ubeka ukuthi abaqashi abanabasebenzi abangaphezu kwama-50 ukuthi balethe izinhlelo zokuqasha ngokulingana ezikhombisa ukuthi bazozifeza kanjani lezi zinhloso.

UNxesi ubekhuluma ngesikhathi kwethulwa umbiko weCommission for Employment Equity Report eGoli. “Kwangimangaza udaba lwabo okuhlanganisa nezinkulumo ezingamanga zokuthi iNingizimu Afrika izolahlekelwa yimisebenzi engamakhulu ezinkulungwane, okuzophazamisa izakhamuzi ikakhulukazi lezo eziphuma emiphakathini yamaKhaladi namaNdiya. Kuwumbhedo! Kubalulekile ukugqamisa ukuthi kokubili umthethosisekelo kanye nomthetho wokulingana emsebenzini awuvumeli noma yimuphi umqashi ukuba axoshe noma anqamule inkontileka yokuqashwa noma adilize noma yimuphi umsebenzi kungakhathaliseki ukuthi uvela emphakathini omhlophe noma waboHlanga ukuze avule isikhala sokuthatha isinyathelo noma izinhloso ze-EE zomkhakha,” kuchaza. Nxesi.

Scroll To Top