Now Reading
INumsa inqobe umzuliswano omqoka wamaholo
Dark Light

INumsa inqobe umzuliswano omqoka wamaholo

INational Union of Metalworkers of South Africa (NUMSA) isayine isivumelwano samaholo ne-ArcelorMittal South Africa (AMSA).

Lesi sivumelwano ngeseminyaka emithathu, kusukela mhla lu-1 kuMbasa kuya kuNdasa zingama31 kowezi-2026. Bonke abasebenzi abaqashwe ngokugcwele eNewcastle, eVanderbijlpark, eVereeniging, ePitoli, eThekwini, eRichards Bay naseSaldanha babophezelekile kulesi sivumelwano esizohlehliselwa umhla lu-1 kuMbasa  – okusho ukuthi abasebenzi bazophinde bathole inkokhelo kusuka lesosikhathi.

Okhulumela iNumsa uNks uPhakamile Hlubi-Majola uthe, “Siyakwamukela ukusayinwa kwalesi sivumelwano ikakhulukazi ngoba besesisondela esitelekeni. Nokho, sikwazile ukutholana, futhi lokhu kube semqoka kakhulu ekuxazululeni lolu chungechunge

See Also

lwezingxoxo zamaholo. Sifuna ukubonga ithimba lezingxoxo eliholwa ngunobhala wesifunda u-comrade Kabelo Ramokhathali ngokusebenza kanzima.” Isivumelwano samaholo sonyaka wokuqala sihlukaniswe kanje:

  • Ukwenyuka ngo-5% ngonyaka wokuqala; 6.5% ngonyaka wesibili; futhi ngonyaka wesithathu ukunyuka kuzoba yi-CPI kodwa kufinyelele ku-6.5%
  • Ibhonasi yokusayina ewukheshi ezotholakala kanye nje engu-R10 000.
  • Uxhaso lwe-Medical aid luzokhuphuka ngo-6.5% ngonyaka wokuqala; ngonyaka wesibili izokwenyuka nge-CPI kodwa ifinyelele ku-6.5%;  ngonyaka wesithathu izokwenyuka nge-CPI kodwa ifinyelele ku-6.5%.
  • Umnikelo wenkampani we-medical aid uzohlala ku-60% kumqashi bese u-40% kubasebenzi unyaka wokuqala; onyakeni wesibili umnikelo we-medical aid  uzokwenyuka ufike ku-65% kanti umnikelo wabasebenzi uzokwehla ufike ku-35% kuncike esibalweni se-medical subsidy. Kanti ngonyaka wesithathu izonyuka  ifinyelele ku-70% kodwa umnikelo womqashi uzokwehla ube ngu-30% kuncike kwi-cap ye-medical aid subsidy.
  • Zonke izibonelelo zizokwenyuka ngo-6.5%; onyakeni wesibili zonke izibonelelo zizokwenyuka nge-CPI kodwa zifinyelele ku-6.5% kanti ngonyaka wesithathu, zonke izibonelelo zizokhuphuka ngo-6.5%.
  • Inzuzo yomzali izokhuphuka isuka ezinsukwini eziyi-10 iye kweziyi-12
  • Inzuzo yomngcwabo izonyuka isuka ku-R10 000 iye ku-R20 000 onyakeni wokuqala wesivumelwano.
Scroll To Top