Now Reading
Usaqhubeka nokuhuba ingoma endala ngogesi uRamokgopa
Dark Light

Usaqhubeka nokuhuba ingoma endala ngogesi uRamokgopa

UNgqongqoshe kagesi uMnu uKgosientsho Ramokgopa, uthi izinhlelo zokuqeda ukucinywa kukagesi sezikhona futhi kufanele bathole indlela engcono yokuzisebenzisa. “Kunalezi zinhlelo esezikhona kuNgqongqoshe woMnyango kaGesi. Konke akwenzayo nje ukuqinisekisa ukuthi kunamazinga amakhulu okusheshisa. Kukhona ukungenelela okugxilile. Siyakwazi ukuhlanganisa imizamo yethu nemboni ukuze sikwazi ukwehlisa ubunzima bokucishwa kukagesi.

Ngiyaqiniseka ukuthi ekupheleni kwaleli sonto, uMengameli uzokwenza lokho kuzimisela, kodwa akusona isikhala sami leso. Ngijutshwe ukuthi ngibhekane nobunzima nokuvama kokucishwa kukagesi,” kuchaza uRamokgopa.

 Wengeza ngokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa kulindeleke ukuthi amemezele umsebenzi wakhe ezithile ngaphambi kokuphela kwaleli sonto.

Amanye amalungu e-ANC ePhalamende athe uRamokgopa akanaso isabelomali, umnyango, noma uhlelo lokusebenza ngakho-ke alikho ikomiti elibhekele ukusebenza kwakhe. Abahlaziyi bezamandla bakholelwa ukuthi ukukhulula izikole zikahulumeni, izibhedlela neziteshi zamaphoyisa ekucinyweni kukagesi akusona isinqumo esilungile . Lokhu kulandela isinqumo seNkantolo eNkulu yasePitoli sokuthi le mikhakha kumele zikhishwe ohlwini lokucinywa kwagesi. Lokhu kungemuva kokuthi i-United Democratic Movement nezinye izinhlangano ezili-17 zifake lolu daba enkantolo. Inkantolo ithole ukuthi ukucishwa kukagesi kuwukwephula amalungelo omthethosisekelo.

See Also

Inikeze uNgqongqoshe Wezamabhizinisi Kahulumeni izinsuku ezingama-60 zokuthi athathe zonke izinyathelo ezifanele zokuqinisekisa ukuthi le mikhakha iyakhululwa.

USolwazi weFiziksi eNyuvesi yaseJohannesburg, uHartmut Winkler uthi, ‘Eqinisweni, akunakwenzeka ngokuphelele, khumbula ukuthi ukucishwa kukagesi kusebenza kanjani ukuthi abantu bomnyango kagesi baye kwezinye zeziteshi ezinkulu ezisabalaliswayo bavele bacime ngokuphelele ama-suburbs ngaleso sikhathi. Manje, uma ufuna ukushiya okuthile kuvuliwe, kuzofanele wehle kulayini futhi ucime yonke imizi futhi lokho akuyona into enhle nengenzeka-nje.”

Scroll To Top