EzikaMalema zimile ekutheni kweluswe uhlelo lwemisebenzi



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
I-Economic Freedom Fighters (EFF) eGauteng inxusa ukuthi kusungulwe uhlaka oluzimele oluzoqapha uhlelo lwemisebenzi yaseGauteng. Uhulumeni wesifundazwe ngohlelo lwawo ‘Nasi Ispani’ usemkhankasweni wokuvala izikhala zeminyango kahulumeni. Lolu hlelo kulindeleke ukuthi lugcwalise izikhala ezixhaswe ngezimali eziyizi-8000.
Nokho, okhulumela uNdunankulu waseGauteng uVuyo Mhanga uthe lokhu kuwukuxova nje kwe-EFF.
UMhanga uthe, “UNdunankulu ngesikhathi engena wabheka umsebenzi wethu wathi kunemisebenzi exhasiwe, ngakhoke asiqale siqinisekisa ukuthi iyagcwala. Ngaleso sikhathi ngoNhlolanja i-EFF yayinegama elithi ‘lesufiism’ okusho ukuthi ukhuluma (uNdunankulu wesiFundazwe) noma yini kodwa akushilo angeke kwenzeke. Manje njengoba kwenzeka baqala ukushintsha ipali.”