Now Reading
INingizimu Afrika iqinisekise isibopho sokusebenzisana neDRC
Dark Light

INingizimu Afrika iqinisekise isibopho sokusebenzisana neDRC

INingizimu Afrika isiphinde yaqinisekisa ukuzibophezela kwayo ukusebenzisana nohulumeni waseDemocratic Republic of Congo ukukhuthaza ubudlelwano bamazwe amabili kanye nokusiza iKinshasa ukuthi yakhe umbuso oqinile.

Lesi sibopho senziwe nguNgqongqoshe Wezobudlelwano Bamazwe Ngamazwe Nokubambisana, uDkt uNaledi Pandor, emhlanganweni we-12 woNgqongqoshe Wekhomishana Yamazwe Ngamazwe phakathi kwalawa mazwe amabili eKinshasa. Umhlangano wongqongqoshe ububanjwe ukuze kuhlolwe ukuthi izivumelwano zangaphambili zalamazwe amabili phakathi zisetshenziswa kanjani.

La mazwe amabili ajabulela ubudlelwano obuhle bokuhwebelana iminyaka eminingi. Njengamanje kunezivumelwano ezingama-38 phakathi kweNingizimu Afrika ne-DRC ezihlanganisa ezolimo, ezokuvikela, ezamandla, ezempilo, nezohwebo kanye nokutshalwa kwezimali.

See Also

Amazwi kaDkt uPandor amukelwe nguNgqongqoshe Wezangaphandle WaseCongo, uChristophe Lutundula, oncome iNingizimu Afrika ngokusiza izwe lakhe ukuthuthukisa umnotho walo nokubuyisela ukuthula nokuvikeleka empumalanga ye-DRC.

Scroll To Top