Inselelo entsheni ekuvuseleleni umnotho wezwe



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Inhlangano elwela amalungelo abantu abasha, iSouth African Youth Economic Council (SAYEC), ithi intsha yaseNingizimu Afrika kumele ibambe iqhaza ekwakhiweni kwemigomo ezosiza ekuvuseleleni umnotho wezwe.
Lokhu njengoba izinga elisemthethweni lentsha engasebenzi kuleli, elilinganisa abafuna umsebenzi abaphakathi kweminyaka eli-15 nama-24 ubudala, limi kuma-61%, ngokombiko weStatistics South Africa.
Lomkhandlu uthi uzosingatha ingqungquthela yawo yokuqala yezomnotho yentsha, ezoqala ngesonto elizayo elokishini lakwaKwamashu, KwaZulu-Natal. Lengqungquthela izogxila ezingxoxweni ngezinselelo zomnotho intsha ebhekene nazo.
Okhulumela iSouth African Youth Economic Council, uSthandiwe Msomi uthe, “Iqhaza labantu abasha ekusunguleni inqubomgomo yezomnotho, nezinhlelo, nentuthuko libalulekile ngoba iNingizimu Afrika inabantu abasha futhi uma ukhuluma ngabakhahlamezekile kakhulu ngokuntuleka kwemisebenzi kwentsha, ngabantu abasha uqobo. Siphinde sithole ukuthi sinenqwaba yabantu abasha abafunda emanyuvesi, nabafundayo futhi bethola amakhono adingekayo ukuze empeleni siqhubekisele phambili umnotho wethu. Ngakho-ke, ingxenye yokuxhumana nabaholi bethu kanye nababambiqhaza, kumele ifake izwi labantu abasha.”