Now Reading
Bavuma induku ngomthelela wokucinywa kukagesi
Dark Light

Bavuma induku ngomthelela wokucinywa kukagesi

UNgqongqoshe wezeziMbiwa naMandla uGwede Mantashe uthi ukucisha kukagesi kanye nokwehluleka kohlelo lwenethiwekhi yakwaTransnet kube nomthelela ekwehliseni izinga lokuheha ukutshalwa kwezimali kwezwe.

IFraser Institute’s Survey Yonyaka ka-2022 yezinkampani zezimayini iklelise imibono yenqubomgomo yaseNingizimu Afrika kanye nokuheha ukutshalwa kwezimali emazweni ayi-10 aphansi kwangama-62 ahloliwe.

UMantashe uthe abaphathi bezimayini nabo baneqhaza okufanele balibambe ekuphakamiseni igama lemboni ngendlela encomekayo.

“Ngingase ngishintshwe noma yinini eskhundleni, wena njengomphathi usazohlala kulo mkhakha, unomthwalo wemfanelo wokwenza lo mkhakha ube nesithunzi esiheha abantu abaningi. Akuyena uNgqongqoshe owenza lo mkhakha, umkhakha ngokwawo ozenzela wona. Ngeke sikugweme ukuvuma ukuthi ubucayi bokucishwa kukagesi, ukungasebenzi kahle kwenethiwekhi yezokuthutha, ujantshi wezitimela namachweba, kube nomthelela omkhulu ekwehliseni izinga kanye nomthelela ngqo ekusebenzeni komkhakha.”

 Khonamanjalo, iCEO yoMkhandlu Wezimbiwa eNingizimu Afrika, uRoger Baxter uchaze ukungasebenzi kahle kwezitimela zakwaTransnet njengenhlekelele eyadla umnotho izigidigidi eziyi-R150, emalini engakafinyelelwa yokuthunyelwa kwezimbiwa emazweni angaphandle ngo-2022 kuphela.

UBaxter ubekhuluma ku-AGM yekhulu namashumi-amathathu(133) yeMineral Council eGoli.

See Also

Uthe kumele kungenelele iNational Logistics Crisis Committee esanda kuqokwa nguMengameli Cyril Ramaphosa.

Uphinde wakuveza ukuthi ikomiti lizoba semqoka kakhulu ekuqhubeni izinguquko ezifana nephepha elimhlophe (white paper) lenqubomgomo yezitimela.

“Sibala cishe u-80% webhizinisi lakwaTransnet Freight Rail kanye nama-50% wemali engenayo yeqembu lakwaTransnet futhi ngonyaka odlule, umkhakha phakathi kwezinto ebesizibekele wona, isibonelo, ukusebenza kwangempela kulahlekelwe imali eyizigidigidi ezingama-R50. Kodwa lokho akuzona izindleko, izindleko zangempela ezweni ziyizigidigidi ezi-R150  wokuthunyelwa kwezimbiwa ngaphandle uma kade sisebenzisa lezo zikhungo zesitimela ngamapuleti anamagama noma ngamapuleti athuthukisiwe. Ngakho, lezi zinombolo zinkulu. Njalo uma uNgqongqoshe [Enoch] uGodongwana engibona, uvame ukungibuza umbuzo, othi,Roger sizoyilungisa kanjani inkinga yezitimela? Ngihlale ngimtshela ukuthi kuyinhlekelele hhayi inkinga.”

Scroll To Top